UNelson Mandela uMengameli wokuqala weNingizimu Afrika owaqopha umlando
ngokuba umholi owabe ephikisana nobandlululo, ushiye ifa elimangalisayo
eNingizimu Afrika kanye nasemhlabeni wonke. Ukuzibophezela kwakhe ukuthola
izisombululo zokuthi kube khona ubulungiswa, uxolo, ubuqotho, inkululeko
kanye nokubuyisana kulokhu kuqhubeke njalo nokumangaza iningi labantu, abasha
kanye nabadala ngokufanayo emhlabeni wonke.
Kuleminyaka esikuyo, iNingizimu Afrika ngaphansi kobuholi be African National
Congress ayenzi kahle njengoba ikhungethwe izenzo zodlame kanye nenkohlakalo.
Njengesizwe esivela esikhathini sombuso wobandlululo saze safinyelela ekutheni
sibe esikhululekile esingabandlululi kodwa sisakhungethwe ukudideka
ngemvelaphi yaso.
Izimo esiphila phansi kwazo ezifana nokwanda kodlame, ukuhlukemeza
ngokobulili, ukubandlululwa ngokwebala, ngokobuhlanga, ngokobuzwe, kanye
nenkohlakalo kulokhu kuyikho okugqame kakhulu eNingizimu Afrika.
Nakuba isimo sempilo sibukeka siya ngokuba ngcono kubantu abaningi
baseNingizimu Afrika, kodwa kubukeka kwanda izenzo zokuhlukumeza
ngokobulili, kanye nezenzo ezazi hlanganiswa nangesikhathi sombuso
wobandlululo.
Imibhikisho emayelana nokwehluleka kukahulumeni ehlanganisa ukuvinjwa
kwemigwaqo, ukushiswa kwamathayi, kanye neziteleka seziyinsakavukela. Isimo
esingesihle emkhakheni wezemfundo kanye nezempilo sisalokhu siqhubeka
nokuba inkinga kubantu abansundu.
Nakuba umbuso wabamhlophe ungasekho kodwa amaphoyisa ayaqhubeka
nokusebenzisa isihluku, kanye nezinga eliphansi lokulethwa kwezidingo kubantu
eminyangweni eminingi kahulumeni, ephatha abantu ngokungabakhathaleli.
Kungakho kubalulekile ukuthi kuvuselelwe umoya kaMandela, lapha eNingizimu
Afrika, ukuze kuvuselelwe umoya wobunye nobumbano esizweni.
2 | Page
Nazi ezinye zezizathu iNingizimu Afrika ezidinga kakhulu ukuze kuvuselelwe
indlela ayekholelwa kuyo uMandela:
Amandla othando, uxolo kanye nokubuyisana.
Enye yezinto ezibaluleke kakhulu ngobuholi buka Nelson Mandela, kwaba
ukuzimisela kwakhe ukuxolela kanye nokukhuthaza umoya wokubuyisana
esizweni sonkana kanye nakubantu bokufika eNingizimu Afrika.
Emva kokuvalelwa ejele iminyaka engu -27 yonke, kodwa wakwazi ukuba
isibonelo esihle wabuyisa ithemba, ukuthula kanye nobumbano, eqinisekisa ukuthi
isizwe siphuma embusweni wobandlululo ngendlela enokuthula saze safinyelela
ekutheni sibe esikhululekile.
UMandela wayenesiqiniseko sokuthi abantu abamnyama kanye nabamhlophe
kwakudingeka ukuthi babe nokwethembana ukuze bakwazi ukuqhubekela
phambili nempilo. Wayazi kahle kamhlophe ukuthi ukuze isizwe selapheke
amanxeba adlule kwakuzomele kwamukelwe uxolo, uthando ukuze kube
nobumbano.
Njengamanje iNingizimu Afrika ikhungethwe izinkinga ezintsha ezigxile kakhulu
enkingeni yokungalingani ngokwezinga lempilo, isizwe manje sikudinga kakhulu
ukuqhakambisa umlando wokuxolelana kanye nokubuyisana esizweni
ngokwehlukana kwaso.
Ukuqhakambisa amalungelo abantu kanye nokulingana
UMandela walwela amalungelo abantu ukuze kube nokulingana ngokobulili kuzo
zonke izinhlanga. Wabe ekholelwa kakhulu ukuthi wonke umuntu waseNingizimu
Afrika unamalungelo alinganayo, uphathwa ngokufanayo ngaphandle
kokubandlululwa ngokobuzwe, imvelaphi yabo kanye nangokobulili.
Nokho kuyadabukisa ukuthi namanje iNingizimu Afrika isalokhu ikhungethwe
ubuphofu, ukwesweleka kwamathuba omsebenzi, ukubandlululwa ngokobuzwe,
kanye nokunye.Kuyaqhubeka nokubandlululana ngokwebala,izinga eliphekeme
lodlame kanye nobugebengu ikakhulukazi okuhlukumenza abantu besifazane kuze
kudlwengulwe namantombazane amancane, abulawe akhishwe izitho zomzimba.
INingizimu Afrika ingavuselela umoya kaMandela wokwazisa amalungelo abantu
kanye nokulingana. Ingakwazi futhi ingaphinde ibuyekeze isizwe esikwaziyo
ukuthola imfundo efanelekile, ezempilo ezingcono kanye nokuvuleka kwamathuba
omsebenzi.
3 | Page
Ubuholi obuqotho
Ubuholi obuqotho bungezinye zezinto ezihambelana noMandela. Waba umbusi
onesibonelo esihle eqinisekisa ukuthi yonke into yenzeka ngokusobala kanye
nangobuqotho nokwethembeka.
UMandela waphinde waqhuba umkhankaso wokuqwashisa nokuqeda ubhubhane
lwe HIV/AIDS eNingizimu Afrika.
Kona ziningi izinkinga ezibhekene neNingizimu Afrika ezihlanganisa inkohlakalo
kuhulumeni, udlame, kanye nesihluku samaphoyisa esesiqede ukwethenjwa
kukahulumeni.
Kuningi ukukhala kubantu osekudale ukuthi kube neziteleka ezinodlame ngenxa
yezinga eliphansi lokulethwa kwezidingo kubantu ezingeni lomasipala, kanye
nokungenziwa kahle kwemsebenzi kahulumeni, ukungaxhumani nabantu,
ubuphofu, ukwesweleka kwamathuba emsebenzi kanye nokungabandakanywa
kwabantu lapho kuthathwa izinqumo . Iziteleka zisuke ziqondiswe kumakhasela
amawadi, okuyiwo enza umsebenzi wokuletha izidingo kubantu. Kanti ukuze
kubuye ithemba kubantu iNingizimu Afrika idinga ukuvuselela indlela yokubusa
kuka Nelson Mandela.
Ukuqhakambisa ubunye nobumbano
INingizimu Afrika yaziwa ngokuqhakambisa ubunye nobumbano, phakathi
kwezizwe ezahlukene, ngokwamasiko, ngokobuzwe kanye nangokwezilimi
ezahlukene
UMandela wakwazi ukubona ukubaluleka bokubumba isizwe esinobunye
ngenhloso eyodwa. Kwezinye zezinkulumo zakhe wathi, “ akukhona ukwehlukana
kwethu ngokobuzwe, noma inkolo, noma ngokosiko, okusehlukanisayo, njengoba
sikwazile ukuzuza inkululeko, ingaba yinye kuphela into esihlukanisayo, phakathi
kwalabo abazisa umbuso wentando yeningi kanye nalabo abangayazisi. Lokhu
wayekusho ngoba azi ukuthi ubunye buyokwenza kube nenqubekela phambili
kanye noxolo esizweni ngokwehlukana kwaso.
Bonke abantu bazalwe bekhululekile, behloniphekile futhi benamalungelo, lokhu
wakwenza ngezindlela ezahlekene ukuhlanganisa isizwe saseNingizimu Afrika
esebenzisa ezemidlalo waphinde wagqugquzela iRugby World Cup. Nakuba
ngonyaka ka 1996 wathola ukugxekwa abantu abansundu.
4 | Page
Ukubandlululana ngokobulili, ngokobuzwe, ngokwenhlalo, ngokwehlukana
ngombono kwezepolitiki kanye nangokwezimali kuyinto evamile eNingizimu
Afrika.Kanti konke lokhu kuyizimbangela zokuthi kube nodlame kanye
nokucekelwa phansi kwempahla kuleli. Kanti ukuvuselela umoya kaMandela
kusho ukuhlonipha abantu bonke ngokwehlukana kwabo nokukhuthaza ubunye,
bakwazi ukuphilisana ngokuthula
Ukukhuthaza isizwe sakusasa
Umlando kaMandela uqukethe amandla okukhuthaza isizwe sakusasa
saseNingizimu Afrika, umlando wakhe uyakhuthaza, uqukethe ubuhlakani,
inhlonipho, ukuzinikela, kanti kuningi okungafundwa isizwe sakusasa, njengoba
umlando kaMandela uwuphawu lomzabalazo wenkululeko, ukulingana kanye
nobulungiswa kubantu basezweni lakhe okuhlanganisa iAfrika yonkana kanye
nomhlaba wonke.
Njengamanje izwe lisesikhathini lapho lidinga kakhulu ukubuyekeza umoya
kaMandela ukuze lizicijele ikusasa elingcono. Ngakho kudingeka kuthi uhulumeni
kanye nezinhlaka ezahlukene emphakathini, okubalwa Izinhlangano ezingenzi
inzuzo (NGO’S) ezenkolo, kanye nomphakathi waseNingizimu Afrika yonkana
ukuthi uhlangane weseke umoya wobunye njengendlela yokuhlonipha umholi
owasishiyela umlando obalulekile.
UDktl. Paul Kariuki unguMphathi Jikelele we Democracy Development
Program (DDP). UDktl. Maria Lauda Goyayi uyisifundiswa esingumcwaningi
(academician and a researcher). Bobabili babhala lombono ngokuzimela.

