NKOSIE NTOMBELA
Inhlangano engenzi nzuzo eholwa uNkosazana Sdu Ndaba yaseMgababa I Yellow Beez ibihlele umgubho wabesifazane ngoMgqibelo mhlaka 12 August 2023.Lo mgubho bekungowokuqala ngqa kulendawo ohlanganise abasifazane bezobungaza inyanga yabo.Okuhlalukile kulombuthano abesifazane bacobelelene ngamaqhinga okuqala amabhizinisi namacebo okuzithuthukisa kakhulukazi intsha yesifazane njengoba bonke abanamabhizinisi banikwe ithuba lokuzikhangisa besho nokuthi baqale kanjani becija abanye.
Ongumhleli obambe elikhulu iqhaza uSdu Ndaba bebambisene noScelo Ndlovu babonge bonke abahambele lomcimbi kakhulukazi amalunga omphakathi,ubuholi obukhona endaweni kakhulukazi iNkosi Yesizwe uPhathisizwe Luthuli kanye nekhansela uMfanafuthi Mgobhozi ngokubaxhasa embonweni ababe nawo okuze wazifikela mathupha uKhansela ezobonga ukuthi abasha sebekwazile ukuthi bahlangane bebungaza usuku olukhulu kuphetha uSdu Ndaba ekhuluma neNtatheli ye KZN Namuhla Newspaper.
Lomcimbi ubuhanjelwe nophethe iscoco sikazime waseMgababa uAsanda Mlumbi othole ithuba wanxenxa abesifazane ukuthi bangathuli uma behlukumezeka bazibike izigameko ababhekana nazo emphakathini.
Abaculi abakade benandisa uNolly M , Ms Level Kanye no Zama Zee The Vocalist.
Khonanjalo abahleli bathe yize kungabanga lula njengoba kade kuwumcimbi wokuqala bathe bayaqinisekisa ukuthi uzoqhubeka ngonyaka ozayo bayafisa nokuthola abaxhasi njengoba bengenabo okwamanje mebekhipha kwawabo amaphakethe.