
SHEILA MHLONGO
IMeya yeTheku , uKhansela Cyril Xaba, ngeSonto lomhlaka 5 Ephreli, uhole uhambo lokuhlola izinhlelo zokuphepha ogwini lweTheku, (Beach Front) ngenhloso yokubheka ukusebenza kwezokuphepha nokuxhumana ngqo nezivakashi ezivela ezindaweni ezahlukene zaseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.
Izivakashi zincome ukwanda kokubonakala kwamaphoyisa futhi zitshele iMeya ukuthi zanelisekile ngendlela ezizizwa ziphephe ngayo. Kanti kuze kwaphela amaholidi kungabikwanga zigameko ezinkulu zobugebengu noma zokuminza.
IMeya uXaba uthe: “Angingabazi ukuthi sizoba nesikhathi samaholide esiphumelelayo nesikhumbulekayo. Silindele izivakashi ezingaba yizigidi ezingu-1.2 eDurban, kanti ekupheleni kwesizini sizokhipha izibalo zokuthi siphumelele kangakanani ukufinyelela kulowo mgomo.”
IMeya iqinisekisile ukuthi kuthunyelwe amaphoyisa angu-1,000 ukuvikela izivakashi ezindaweni zokuzijabulisa, ezindaweni zokukhulekela kanye nakwezinye izindawo ezithandwa kakhulu. Iphinde yagcizelela ukuthi idolobha lizimisele ukuqhubeka nokugcina idumela lalo njengendawo ehamba phambili kwezokuvakasha.
“Sisebenza ngokubambisana nabamabhizinisi azimele ukuze sandise amathuba ezokuvakasha, siqinisekise ukuthi izivakashi azizizwa ziphephile kuphela kodwa ziyakhuthazwa nokuhlala isikhathi eside nokujabulela okuningi okutholakala eDurban,” kuphetha uXaba.

