Kwengezwe inqwaba yamaphoyisa KwaZulu-Natali ngenxa yokwesabela udlame

SHEILA MHLONGO

Sekwengezwe  amanye amaphoyisa KwaZulu-Natali  azobhekana nokuqinisekisa ukuvimba noma iziphi izenzo zodlame. Lokhu kushiwo ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke (National Police Commissioner) uGeneral Fannie Masemola.

Ngokwesitatimende esithunyelwe abe SAnews, sithi lamaphoyisa azolekelela amalunga  ohlaka lweNational Joint Operational and Intelligence (NATJOINTS) okuyingxenye yohlelo yokugcina ukuphepha ngaphambi nangemuva  kokhetho luka 2024 esifundazweni kanye nakuzwe lonke. 

Nakuba  iKwaZulu-Natali ibisalokhu inozinzo okwamanje  lokhu kudalwe ukubambisana kohlaka lwe Provincial Joint Operations and Intelligence (PROVJOINTS).

Kuthunyelwe ithimba lokuqala lamalunga ombutho wamaphoyisa abalelwa ku-200 enyangeni kaMeyi kwathi elesibili elinamalunga abalelwa ngaphezu kuka 300 lona lathunyelwa ngesikhathi sokhetho.

Kamuva sekuphinde kwalethwa ithimba lamaphoyisa abalelwa ku-300, ukuze azoqinisa ukugcinwa komthetho emva kokhetho. Lamathimba azoqapha izigameko ezimayelana nemiphumela yokhetho ezingase zenzeke noma nini.

“ Siyajabula ukusho ukuthi sikwazile ukuqapha ukuphepha kwabantu ngesikhathi sokhetho, okuhambe kahle ngaphandle kwezigameko zodlame. Abavoti nabo bakwazi ukufeza ilungelo labo lentando yeningi ngaphandle kokwesaba, nathi sizoqhubeka ukuvimba izigameko zobugebengu.” Kusho uMasemola.

“Sibonga abavoti kanye nemiphakathi ngokuziphatha kahle. Siyathemba ukuthi lokhu kuzohlale kunjalo. Kanti labo abaphula umthetho soqinisekisa ukuthi sibhekana nabo.”esho.

Lelithimba lamaphoyisa lizophinde lifakwe nasoThongathi ukusiza kanye nokuqinsekisa ukuphepha kulabo abakhahlanyezwe izimvula ezinamandla.SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *