

UBongiwe Khumalo kanye no Paul Kariuki
Kunombuzo obalulekile okumele sizibuze wona njengoba iNingizimu Afrika ilungiselela ukuhlonipha umlando ka Nelson Mandela ozobe ungomhlaka 18 July: Ingabe kusho ukuthini ukuzinikela esikhathini lapho lapho isimo sezepolitiki sibukeka simfiliba? Imigomo yezobulungiswa, ukulingana, kanye nobunye obalwelwa uNelson Mandela nokuyikho okubekwa phambili ngesikhathi sokubungaza usuku luka Mandela (Mandela Day). Nokho ezinye zezinto ezifana nodlame lwezepolitiki, izimo zokungalingani ngokwezinga lempilo ziye zafaka iNingizimu Afrika engcupheni yokuthi kubonakale kungasekho ukuzinikela.
Nakuba kukhona isimo esibonakala simfiliba kwezepolitiki kodwa kubalulekile ukuthi sibuke isimo esibhekene naso lapha eNingizimu Afrika, ngokuthi siqaphele izingqinamba esibhekene nazo bese sithola isifundo ngalokho esingakwenza ukuze siphinde sikhuthaze umoya wokuzinikela.
Yini iPatrotism
IPatriotism isho uthando nokuzinikela okuyinto ejulile ngaphezu kokubhebhezelisa ifulegi noma umuntu amane asaphothe izwe lakhe.Uthando lweqiniso oluhambisana nokunakekela izwe kanye nenhlalakahle yabantu ikona okubalulekile. Uthando ukwethembeka, nokuzinikela esizweni kuhlangene nokuzimisela ukwenza ushintsho kwaziwa njenge patriotism.
Imigomo umuntu azibekele yona okuyiyona ayisebenzisayo uma efuna ukuthatha izinqumo ezithile ihlanganisa ipatriotism emayelana nokuzinikela ekwenzeni okuhle, ukusebenzela ukwenza umehluko emphakathini, ukwamukela imibono eyahlukene,ukugcina amasiko ehlukene esizweni, ukukhombisa ubunye, kanye nentuthuko eqhubekayo. Ama patriots eqiniso ilawo azibophezele ukusebenzela isizwe, amukele abantu ngokwehlukana kwabo, avikele umlando wamasiko namagugu, akhuthaze ubunye, aphinde agcizelele ukubaluleka kokusebenzela izwe aphinde ahloniphe ukugcinwa kobulungiswa kanye nokulingana. Uma kusetshenziswa lemigomo kungasiza ukwakha isisekelo sezwe.
INingizimu Afrika isifinyelele emajikeni ngenxa yeminyaka eminingi yokungahambi kahle kwezomnotho kanye nakwezepolitiki. Nakuba sekwenziwe okuningi ukuze kutholakale isimo senhlalo engcono kwezomnotho, ukuqinisekisa ukuthula noxolo esizweni, bese kuba nokubuyisana selokhu kwaphela ubandlululo kuze kudlulele esikhathini sombuso wentando yeningi. Kodwa imikhuba yokuwehlukana ngokobuzwe ayikakwazi ukwenza umehluko otheni, lokhu okushiya iNingizimu Afrika isesimeni lapho umlando wobandlululo kuyiwona olawula ikusasa lezwe.
Isizwe sesibe nesikhathi lapho sigubezelwe ushintsho kwezepolitiki okuhambisana nezinxushunxushu zezibhelu, ubunzima kwezomnotho, kanye namahlazo enkohlakalo. Zonke lezizinkinga sezidale ukuthi kube nengcindezi kubumbano lwesizwe, kuphinde kudale ukukhathazeka mayelana nokuthi ingabe kungakanani ukuzibophezela kwabantu kwimigomo yezwe.Isimo sezepolitiki esimfiliba noma esingaqodakali sidala ukuthi kube nokudumala kubantu kuqede nethemba.
Akungabazeki ukuthi isimo sezepolitiki esimfiliba lapha eNingizimu Afrika sesibe nomthelela odale ukuthi kunciphe umoya wothando nokuzinikela (patriotism).Ubukhona bamahlazo adalwa inkohlakalo sebuqede nya ukwethemba kubantu kwaphinde kwaqeda nenkolelo yokuthi osopolitiki basebenzela isizwe. Kunzima ukugcina imizwa yothando nokuzinikela uma abantu belokhu bebona izenzo zenkohlakalo kanye nokungahambisi kahle kusezingeni eliphezulu kuhulumeni.
Nokho iningi labantu baseNingizimu Afrika sebezizwa bephelelwa ithemba kakhulu kunakuqala ngenxa yezimo zezomnotho ezifana nokungabikho kwamathuba emisebenzi kanye nokungalingani ngokwesimo senhlalo. Umbono wokuthi uhulumeni uyaphumelela ukuhlangabezana nezidingo zabantu kubonakala kuphikiswa yizimo ezifana nalezi, okuphinde kwengezwe imizwa yokungabikho kobulungiswa. Abantu bakuthola kunzima ukwethemba uhulumeni uma ngabe izidingo zabo zingapheleliswa.
Ukwakha isizwe bekumele kuhlanganise wonke umuntu. Bonke abantu baseNingizimu Afrika bazizwa beyingxenye yezwe labo kanye nokubamba iqhaza emasikweni abo amaningi, izilimi, kanye nezinkolelo zabo eziyingxenye zezwe labo.Kubalulekile ukukhuthaza ukuqinisa ubuhlobo emphakathini ukuze kudaleke amathuba lapho abantu bezokwazi ukuhlalisana ngaphandle kwezinxushunxushu nezingxabano. Lokhu kudinga ukuthi abantu bazibandakanye ezindabeni zezepolitiki yezwe, bafune ulwazi kubaholi, ukuze babhekane nezimpendulo. Abantu kumele banikele ngesikhathi sabo, amakhono abo, kanye nalokho abanakho ukuze benze ngcono izindawo abahlala kuzona.Ukuqinisa uthando lokuzinikela kubalulekile ukuthi kubandakanywe abantu, bakhuthazwe ukuthi baxoxisane mayelana nezinqumo okumele zithathiwe, ukuze nabo bazizwe bengabanikazi bezwe.
UNksz. Bongiwe Khumalo uyi-educator ne researcher.
UDktl. PaulmKariuki unguMqondisi Jikelele weDemocracy Development Program (DDP).
Bobabili babhala lombono ngokuzimela

