
OWAMI THABETHE
UMnu Cyril Xaba uqokwe njengemeya entsha kuMasipala weTheku.
Uphakanyiswe yiPhini leMeya uZandile Myeni wakhethwa emhlanganweni oyisipesheli woMkhandlu ngoLwesithathu lomhlaka 10 Julayi 2024, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre,eThekwini.
UXaba, oyilungu le-ANC futhi owake waba yilungu lePhalamende, wethulwe njengekhansela emhlanganweni wokugcina woMkhandluweTheku owawungoJuni wokuvala isihlalo se-ANC ebesingenamuntu ngemuva kokushiya kukaKaunda.
I-ANC KwaZulu-Natal ikwamukele ukuqokwa kukaXaba obekungaphikiswanga futhi ishayele ihlombe amaqembu ezombusazwe ngokuhlanganyela kwawo ekuzinikeleni ekwakheni idolobha elisebenza kahle.
Omunye ophakanyisiwe ngumholi wekhokhasi yeDA eThekwini, uMnuz Thabani Mthethwa, nokho wakunqaba ukuphakanyiswa.
Isihlalo seMeya sivuleke ngoJuni ngemuva kokuthi i-ANC eKZN ikhiphe lowo owayeyiMeya uMnuz Mxolisi Kaunda yaphinde yamfaka kuMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (NCOP).
Ngenxa yalokhu, uXaba uqokwe ngaphandle kokuphikiswa, nokuyinto eyingqophamlando ngoba isifunda se-ANC sake saphikisana nokuqokwa kwakhe, sakhetha idlanzana labangenele ukhetho okubalwa nowayeyiMeya uMnuz James Nxumalo nowayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele.
UCele, owake waba nguSihlalo wokuqala we-ANC esifundeni iTheku ngeminyaka yawo-1990, wayekhona emhlanganweni womkhandlu ekhombisa ukweseka uXaba, owavuma ukuba khona kwakhe enkulumeni yakhe yokwamukela ubuholi.
Enkulumeni yakhe yokuqala ayethulile ukhansela u Xaba uthe,“Sifuna ukunxusa abasebenzi bakaMasipala ukuthi bazibophezele kabusha ekusebenzeleni umphakathi ngobuqotho, ngenhlonipho, nangokuzithoba ngokuhambisana nomgomo we-Batho Pele. Kumele silibeke ngembaba elokuthi angeke sibabekezelele abantu abangafuni ukusebenza nalabo abahudula izinyawo, behlukumeza abantu baseThekwini. Sizoqapha ukusebenza kwabaphathi abaphezulu ukuze siqinisekise ukuthi kuhambisana nezinjongo kanye nezinkomba zokusebenza ezibalulekile ezisekela i-IDP yethu” kusho uXaba.
ITheku lizobuyelwa ithemba ngedolobha lalo njengoba isikhala sikaMeya ebesuvulekile sesivaliwe, futhi bayethemba ukuthi sekuzoqhubeka nezinhlelo zokuletha ingqalasizinda nentuthuko emphakathini yaseThekwini kulonyaka.

