
SHEILA MHLONGO
UMnyango wezeMpilo eNingizimu Afrika usukhiphe isitatimende sokunxusa umphakathi ukuthi ubhalisele ukuthi unikele ngezicubu kanye nezitho zomzimba ukuze usindise izimpilo zabanye abantu abasengcupheni yokushona ngenxa yezifo ezibaphethe,noma abadinga ukuthi kwenziwe ngcono izimpilo zabo.
“Ukunikela ngesitho somzimba kwenziwa ngokuthi kukhishwe izinto ezifana nenhliziyo, isibindi, kanye izinso komunye umuntu bese zifakwa komunye osuke ekudinga.” Kuchaza bomnyango wezeMpilo bengeza ngokuthi umuntu nje emunye ngokunikela kwakhe, angakwazi ukuphephisa izimpilo zabantu abayisikhombisa (7) aphinde ashintshe izimpilo zabantu abangamashumi ayisihlanu (50).
Uchaza uMnyango mayelana nokunikela ngesicubu, uthe lapha kubalulwa izinto ezifana, nesikhumba, amehlo, kanye namathambo kukhishwa komunye umuntu kufakwe komunye.
Isitatimende sithi babalelwa ngaphezu kuka 2,500 abantu ababhalisele ukulindela ukwamukela umnikelo wezitho kanye nezicubu zomzimba, kanti abanye baze baficwe ukufa belokhu belindele ukuthola isipho somnikelo wokuphephisa izimpilo zabo. Njengoba manje siphansi kakhulu isibalo sabantu abanikelayo, ngenxa yokweswela ulwazi mayelana nalokhu.
UMnyano wezeMpilo ngokubambisana nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni uthi bazosebenzisa lenyanga ka Agasti ukuthi baqhube kuyo umkhankaso wokuqwashisa umphakathi mayelana nokubaluleka kokunikela ngezicubu kanye nezitho zomzimba.
NgokoMnyango uthi noma ubani oneminyaka esukela ku-18 noma ngaphezulu angakwazi ukunikela ngesitho noma isicubu sakhe ngaphandle kokubheka inkokhelo.
“”Umuntu angakwazi ukunikela ngesitho sakhe somzimba esifana nesibindi kanye nenso kodwa aqhubeke aphile impilo ejwayelekile ngoba izitho ezifana nenhliziyo ziyaqhubeka ziphinde zihlume futhi ngokuhamba kwesikhathi.”
Isitatimende siqhuba sithi lapha eNingizimu Afrika kanye nakwezinye izingxenye zomhlaba akuvumelekile ukuthi umuntu adayise ngesitho noma isicubu sakhe ngoba lokhu kungadala ukuthi kwande umkhuba wokuthunjwa kwabantu (Human trafficking).
Umsebenzi wokuxhunywa kwesitho noma kufakwe isicubu wenziwa ezibhedlela zikahulumeni noma kulezo ezizimele, emva kokuthi umuntu sekubonakele ukuthi inhliziyo isimile noma sekufe ingqondo (brain dead) kodwa ngaleso sikhathi esuke esasekelwe ngemishini yokuphefumula (artificial life support).
“Ukukhishwa kwezicubu kungenzeka emva kwamahora ambalwa noma izinsuku ezimbalwa emva kokufa komuntu, kodwa lokhu kwenziwa ngemvume yomndeni kamufi.” Kuchaza isitatimende.
Abantu abanothando lokunikela ngezitho noma izicubu zabo bangaya esibhedlela sikahulumeni noma esizimele bafike bacele ukuchushiswa ngokunikela noma ke bangashayela inhlangano yeOrgan Donor Foundation ku- 0800 22 66 11 noma bavakashele kwi-www.odf.org.za
Kanti futhi kungaxhunyanwa nabe SA Bone MarrowRegistry ku- 021 447 8630 noma kwi Centre for Tissue Engineering eseTswane University of Technology ku-012 349 3500 noma kuvakashelwe- www.tissudonation.org.za.
SANews.gov.za

