UMengameli uRamaphosa ugcine ewusayindile umthetho iBELA BILL

SHEILA MHLONGO

UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ugcine esayindile isichibiyelo somthetho ebesingundabuzekwayo  esaziwa nge Basic Education Laws Amendment (BELA ) waba semthethweni, lomthetho okuhloswe ngawo ukuqinisa umkhakha wezemfundo eNingizimu Afrika.

UMengameli uRamaphosa usayinde lomthetho emcimbini obubanjelwe eUnion Building ePitoli ngoLwesihlanu lomhlaka 13 Septhemba. Kanti uthe ukusayindwa kwalomthetho kuzosiza kakhulu ukuxazulula izinkinga ezikhungethe izwe emkhakheni wezemfundo.

Eqhuba uRamaphosa uthe kusukela ngesikhathi sokuqala kombuso wentando yeningi, uhulumeni usenze umehluko omkhulu ekwenzeni ngcono uhlelo lokuthi izingane zikwazi ukuthola imfundo, Kodwa nokho, uyavuma ukuthi  zisekhona izinselelo ezisadinga ukulungiswa.

“Nakuba kukuningi osekwenziwe ngcono, kodwa zisekhona izinselelo kwezemfundo yamabanga aphansi eyenza kungabikho inqubekela phambili, sesike sabona abafundi benqatshelwa ukuthi bemukelwe ezikoleni ezithile ngenxa yemigomo yazo emayelana nolimi olusetshenziswa kulezo zikole.” kusho uMengameli.

“Sesike sabona izingane zenqatshelwa ukuthi zibhale izivivinyo zazo ngenxa yokuthi abazali bengenawo amandla okukhokha imali yesikole.Sesike sabona ubunzima okukhulu obudalwa indlela okwenganyelwa ngayo kanye nokutholakala kwezinsiza.” Kuqhuba uMengameli.

URamaphosa uthe lomthetho kuqondwe ngawo ukubhekana nezingqinamba futhi uyingxenye yemizamo eqhubekayo kahulumeni yokwakha uhlelo lwezemfundo oluzosebenza kangcono  futhi olunobulungiswa.

“Lomthetho uphothulwe emva kokubonisana nazozonke izinhlaka emphakathini ezikwazile ukuthi nazo ziveze imibono yazo. Uhlelo lokubonisana kanye nezinkulumo mpikiswano izona eziyingxenye yokusebenza kwentando yeningi. Izona futhi ezenza ngcono imigomo okuphasiswa ngayo imithetho . Lomthetho esiwusayinda namuhla uvula amathuba angcono ezemfundo.

“Lomthetho undlala isisekelo sezemfundo kusukela eminyakeni yoGrade R kanye nonyaka wokungena ku Grade 1, njengoba sekuzoba impoqo. Lokhu kuzokwenza ngcono uhlelo lwe-Early Childhood Development .Futhi kuzoqinisekisa ukuthi izingane zenu zikulungele ukungena ezikoleni. “kusho uMengameli.

Okunye okuqukethwe ilomthetho ukuthi izikole kumele ziwusebenzise uma zamukela abafundi, ikakhulukazi nabafundi abanezinkinga njengalabo abazalwa abokufika kuleli abangenazo izincwadi ezisemthethweni (illegal imigrants).

Lomthetho ukhuthaza abazali kanye nababheki  bezingane  ukuthi nabo babambe iqhaza kwezemfundo yezingane zabo baqinisekise ukuthi ziyaya esikoleni zikhathi zonke.  Lokhu okuhlanganisa nezingane ezifundela emakhaya ukuthi nazo zilawulwe ngaphansi kwalomthetho.

Lomthetho uphinde ufake umgomo ozolawula izikole ukuthuthukisa imigomo emayelana nokuhlonipha inkolo kanye namasiko, ukuze kube nesimo sokubekezelelana nokwamukelana emphakathini.

Ngalomthetho omusha izikole kumele zicabangele imiphakathi eyakhele eduze nesikole, lokhu njengengxenye yokuthuthukisa ubunye nobumbano. 

Lomthetho uphinde uhlanganise nomsebenzi wesigungu esimele izikole (School Governing Bodies) ekubhekeleni ulimi okuyilo  okumele lusetshenziswe ezikoleni ngokubambisana  nomnyango wezemfundo wesifundazwe ukuze uqinisekise ukubhekela amalungelo abafundi ukuthi bathola imfundo, nakuzo zonke izikole ezweni lonke ngokufanayo.

Lomthetho uphinde uqinisekise ukuphepha, uvimbe ukujeziswa kwezingane ngokushaywa. Uphinde uqinise isijeziso esikhulu kulabo abasebenzisa ukushaya njengesijeziso ezinganeni.

Okunye lomthetho uphinde uhlanganise uhlaka okumele lulandelwe isigungu sezikole (School Governing Bodies)  ukwengamelwa kwezimali nokusebenza ngokwethembeka emphakathini, Unikeza inqubo okumele ilandelwe ukubhekelela umsembenzi wawo.

Mayelana nokusebenza kwe-BELA BILL

Njengoba kukhona imibono eyahlukene mayelana nalomthetho, uMengameli uthe kungcono ake athi ukubambezela usuku lokuqala ukusebenza kwawo ngenxa yesigaba 4 kanye no 5 salomthetho kuze kube izinyanga ezintathu.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule amaqembu ayingxenye kaHulumeni wobambiswano (Government of National Unity)  ezwakalise ukuthi afisa kuke kube nezingxoxo mayelana nezingxenye ezithile zalomthetho ezimayelana nokwamukelwa kwezingane kanye nolimi.

UMengameli uzwakalise ukuthi usazoke anikeze amaqembu ithuba lokuthi ake athi ukukhulumisana mayelana nezingxenye zalomthetho nokuthi afake imibono yawo mayelana nokuthi iyiphi indlela okungabonelelwana ngayo, kodwa uma amaqembu ehluleka ukufinyelela esivumelwaneni kuyomele kuqhutshekwe uqale ukusebenza lomthetho.

Ephetha uMengameli uthe umema bonke abantu basebenze ngokubambisana nohulumeni ukuze kuqinisekiswe ukuthi zonke izingane zithola imfundo enhle futhi efanele noma ngabe zikuphi nendawo kungakhathalekile isimo sazo.

Umcimbi wokusayindwa kwalomthetho ubuhanjelwe iPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo uRegina Mhaule, uNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi, kube oNgongqoshe bezeMfundo eGauteng  uMatome Chiloane, owaseMpumalanga uCathy Dlamini, owaKwaZulu-Natali uSipho Hlomuka, kanye nowaseLimpopo uMavhungu Lerule-Ramakhanya kanye nabanye- SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *