SHEILA MHLONGO
UMengameli wezwe uMnu.Cyril Ramaphosa usayinde umthetho ongundab’uzekwayo obusunesikhathi eside uhlongozwa ovuna ukuthathwa komhlaba ngaphandle kokukhokhwa kwesinxephezelo kumnikazi wawo (Expropriation Bill). Lomthetho ucacisa indlela uhulumeni angathatha ngayo umhlaba.
Esitatimendeni esikhishelwe abezindaba, uMengameli uthi lomthetho wokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo uzosebenza esikhundleni salowo owabe ukhona ngaphambi kokuphela kombuso wobandlululo i-Exproprietion Act ka 1975, uyahambisana nomthethosisekelo futhi usuqede iminyaka emihlanu yonke udingidwa ePhalamende.
“Lomthetho ucacisa kahle ukuthi ukuthathwa komhlaba kungenzeka kanjani futhi uma kwenzenjani. Lomthetho uzosiza zonke izinhlaka zikahulumeni -kusukela kwisifundazwe,nakuzwelonke, ukuthi ziwusebenzise ngezizathu ezehlukene. Kusho uMengameli.
Isigaba 25 somthethosisekelo naso siyavumelana nokuthathwa komhlaba njengento ebalulekile ukuze uhulumeni akwazi ukuthatha umhlaba womuntu bese usetshenziselwe izidingo zomphakathi noma uthathwe ukhokhelwe noma kube kukhokhwe isinxephezelo esikahle nje.
Kuze kube manje ukuthathwa komhlaba bekwenziwa nge-Exproprietion Act ka 1975, lomthetho osayindwe manje uqeda ukusebenza kwalona omdala ka-1975.
“Lomthetho wokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo uyosetshenziswa kuphela uma ngabe iziphathi mandla sezehlulekile ukufinyelela esivumelwaneni nomnikazi womhlaba mayelana nokuthi kube nenkokhelo efanelekile ngokubona kukahulumeni noma iziphathimandla.”Kusho ihhovisi likaMengameli.
Ihhovisi likaMengameli liqhuba lithi isiphathi mandla esengamele ukuthathwa komhlaba kumele singene ezingxoxweni nomnikazi womhlaba osuke udingeka. Futhi isiphathimandla kumele siqinisekise ukwenza isivumelwano sokufuna ukuthatha umhlaba ngaphambi kokuthi uthathwe ngaphandle uma kunesimo lapho ukuthathwa komhlaba ngenhloso yokuwusebenzisa isikhashana ngokulawulwa umthetho.
Umthetho uyavuma futhi ukuthi uma kunempikiswano idluliselwe kumxazululi (mediation) noma enkantolo efanele. SANews.gov.za