Mfu.Nare
Bantu bakithi ngithemba niphilile, ngisacela ukukhuthaza abazali abanezingane zamantombazane ezisencane, kumnandi njengomzali ukubona ingane yakho ikhula isabugcinile ubuntombi bayo futhi ingenayo ingane. Kuyakwenza uzizwe ungumzali oqotho onesizotha kodwa masingakhohlwa ukuthi amaphutha aphila nabantu, uma isingene ephutheni yakhubeka mayingaphendulwa isibonelo sokwehluleka. Yebo mayijeziswe kancane ukuze zibone ezinye ukuthi akuyona into enhle kodwa ke mayiphinde iboniswe uthando lokho kuzoyenza izizwe isengumuntu onabantu abamkhathalelayo yomele ukulungisa iphutha iqhubekele phambili ngempilo .
Ukumahlulela kakhulu umuntu kudala ukulahla ithawula avele aphenduke into engeke isalungiseka. Baningi namhlanje abasemgwaqweni badayisa imizimba balinyazwa ukuswela uthando emva kokukhubeka . Amaphutha aphila nabantu noma esenze iphutha useyingane yakho uyaludinga uthando lwakho .
Obhalayo UMfundisi Katlego Nare

