UHulumeni uqinisekise umphakathi ngezinsalela zama-ARV emanzini okuphuza

ZAMA MAJOLA

UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (DWS) uqinisekise umphakathi ukuthi ukuba khona kwezinsalela zemishanguzo yegciwane lengculazi (ARV) emanzini okuphuza akubeki ubungozi ezimpilweni zabo futhi angeke kuholele ekuthelelekeni kwegciwane lengculazi.  Lokhu kulandela ukukhishwa kocwaningo lweNyuvesi yaseNyakatho Ntshonalanga Yesayensi Yezemvelo Nokuphathwa kanye ne-Africa Unit for Transdisciplinary Health Research, oluthole amazinga alinganisekayo ezinsalela zama-ARV kweminye imithombo yamanzi yaseNingizimu Afrika.

Lombiko osihloko sithi, “Quantification, Fate, and Hazard Assessment of HIV-ARVs in Water Resources”, uveze ukuthi imishanguzo yegciwane lengculaza ingena emanzini ikakhulukazi ngohlelo lukamasipala lokuhlanza amanzi angcolile. Ama-ARV atholwe kakhulu ahlanganisa i-lopinavir ne-efavirenz. Naphezu kwalokhu, umnyango ukugcizelelile ukuthi ukuba khona kwezinsalela zemishanguzo yegciwane lengculaza emanzini okuphuza akunabungozi. Esitatimendeni esihlanganyelwe ne-Water Research Commission (WRC), uMnyango uphawule ukuthi ukubonakala kwama-ARV emanzini kuwumphumela wohlelo olukhulu lwaseNingizimu Afrika lokunqanda uhlelo lokwelapha i-HIV nengculazi.

Ngenxa yalokho, imikhondo yemishanguzo yegciwane lengculaza ingena ezindleleni zokukhuculula indle kamasipala bese idlule kulezi zinhlelo  iye emifuleni.  “Imithi efana nemishanguzo yegciwane lengculazi yimithi esetshenziselwa ukwelapha izifo akuyona imbangela yezifo, ngakho-ke ukuba khona kwemikhondo yemishanguzo emanzini ngeke kuholele ekutheni abantu bathole igciwane lengculazi.”kusho uMnyango. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *