
WALI ANELISIWE
UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, wamukele ama-activist angu-211 alwa nodlame lobulili kanye nokubulawa kwabesifazane namantombazane (GBV&F) azothunyelwa eziteshini zamaphoyisa ezifundeni ezahlukene KwaZulu-Natali.
UNtuli ukhulume nalaba abebeqeqeshwa ngosuku lokuqala lohlelo lwezinsuku ezintathu olubanjelwe eWestville Correctional Facility eThekwini. Lolu qeqesho luyingxenye yemizamo kahulumeni lokuqinisa umkhankaso wokulwa nalolu dlame olubhebhethekayo esifundazweni. Laba abaqeqeshwayo bavela ezifundeni ezahlukene KwaZulu-Natali futhi bazosebenzisana eduze neziphathimandla zendawo namaphoyisa uma sebeqedile ukuqeqeshwa kwabo.
Ekhuluma ngesikhathi kuvulwa lolu hlelo, uNtuli ubabonge ngokuzinikela kwabo ekulweni nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
“Sizokala impumelelo yalolu hlelo ngokwehla kwezibalo zamacala e-GBV&F,” kusho uNtuli.
Uphinde wathi laba abaqeqeshwayo banendima ebalulekile ekubuyiseni ithemba emphakathini nasekukhuthazeni isithunzi nokuvikelwa kwabantu abasengozini.
“Enye yezinjongo zenu ezisemqoka wukukhulisa kanye nokuqwashisa nge-GBV&F. Umsebenzi wenu ukubuyisa ithemba nokuvuselela umoya wobuntu. Kufanele nilwele imithetho eqinile kanye nobulungiswa kulabo abayizisulu,” kusho uNtuli.
UNdunankulu uphinde wanxusa labo akade beqeqeshwa ukuthi balwele ubulungiswa kwalabo abayizisulu zokuhlukunyezwa, nokuthi abomthetho baqinisekise ukuboshwa nokujeziswa kwabenzi bamacala, ngenkathi bevikela isithunzi sabesifazane nezingane. Ugcizelele ukubaluleka kokusebenzisana nezikhungo ezifana neThuthuzela Care Centres ukuze kuqinisekiswe ukuphendula ngokushesha ezimweni zokuhlukunyezwa.
UNtuli uphinde wagcizelela ukuthi izindlela zokuvimbela kumele ziqiniswe ukuze kunqotshwe inselelo eqhubekayo yodlame lobulili esifundazweni.
Ngakolunye uhlangothi, omunye wabaqeqeshiwe, uBonginkosi Zondi, uthe ujoyine lolu hlelo ngoba ephikisana kakhulu nodlame lobulili.
“Ngimelene ne-GBV, yingakho nginqume ukuba yingxenye yalolu qeqesho. Ngifuna abesifazane baphephe,” kusho uZondi.
Lolu hlelo lokuqeqeshwa luzoqhubeka izinsuku ezintathu, lunikeze laba abaqeqeshwayo amakhono adingekayo ukuze basebenzisane neziphathimandla nemiphakathi ekulweni ne-GBV&F kulo lonke elaseKwaZulu-Natal.

