SHEILA MHLONGO
Sekusele isikhathi esingaphansi kwenyanga kuqale izivivinyo zeNational Senior Certificate zabafundi bekilasi lika 2024 likamatikuletsheni (matric) ezweni lonke, ngokusho kwesitatimende esikhishwe uMnyango weMfundo yaMabanga Aphansi.
Izivivinyo zizoqala kusukela ngomhlaka 21 Okthoba kuze kube umhlaka 27 Novemba 2024, bese kulandela ukumakwa kwamaphepha ezivivinyo.
Ngokwesitatimende soMnyango wezeMfundo eWestern Cape sithi bese kuvele eqalile amalungiselelo ngesikhathi sekhefu lokuvalwa kwezikole lapho abafundi bakamatikuletsheni bekwazile ukuthola ithuba lokuzilolonga ezikoleni zakhona.
UMnyango wezeMfundo usunxuse umphakathi ukuthi weseke abafundi bebanga leshumi nambili (Grade-12) njengoba sekusondele ukubhalwa kwezivivinyo zabo, kumele banikezwe ithuba lokuzilungiselela bangafakelwa ingcindezi.
Kanti abafundi abazithola benengcindezi bayanxuswa ukuthi baxoxisane nothisha ezikoleni zabo ukuze bathole usizo abaludingayo.
UMnyango uphinde wabonga bonke othisha abafundisa ibanga leshumi nambili (Grade-12) ngomsebenzi wabo omuhle wokweseka abafundi unyaka wonke.SANews.gov.za