Izikole zase-KZN zidle ubhedu emncintiswaneni we-Glass Recycling Schools Competition

SHEILA MHLONGO

Kuyo yonke iKwaZulu-Natal, ukuvuselelwa kabusha izinto ezindala nezilahliwe (recycling) akuseyona into eyenziwa ngezikhathi ezithile noma kuphela uma kulula. Emakhaya amaningi, sekuphenduke into yansuku zonke — lokhu kudalwe kakhulu ngabafundi abangawuthathi kancane lo mlayezo  futhi baqinisekisa ukuthi uyaqhubeka.

Umncintiswano walo nyaka wokuvuselela ingilazi ezikoleni (Glass Recycling Schools Competition) ukhombise ukuthi lokhu ukuzimisela kuholele emiphumeleni emihle. Isikole i-Isnembe Secondary School sithole indawo yokuqala esifundazweni ngokuhlanganisa ama-19,130kg engilazi. I-Kloof Senior Primary School ilandele ngo-14,004kg, kanti i-Kloof Junior Primary School ithathe indawo yesithathu ngo-13,739kg.

Ngokuhlanganyela, lezi zikole ezintathu ezihamba phambili ziqoqe cishe amathani angu-47 engilazi. Lokhu kulingana namabhodlela acishe abe ngu-188 000 abuyiselwe ohlelweni lokuvuselela kabusha. Lona ngumthamo omkhulu okhombisa umsebenzi oqhubekayo, hhayi into eyenziwa kanye kuphela.

Indima yabafundi ekuletheni le miphumela ibaluleke kakhulu. Izingane azigcini nje ngokubamba iqhaza ezinhlelweni zokuvuselela kabusha, kodwa zibuye zithonye kakhulu indlela yokuziphatha emakhaya — zikhumbuza abazali, zibeka imigomo, futhi zenze ukuvuselelwa kabusha kube yingxenye yokuphila kwansuku zonke.

“Abantwana banekhono eliyingqayizivele lokuthonya okwenzeka emakhaya abo,” kusho uShabeer Jhetam. “Baphikelela, babuza imibuzo, futhi banendaba nokwenza okulungile. Uma la mandla eqondiswa ekuvuseleleni kabusha, kuholela kushintsho lwangempela noluhlala isikhathi eside.”

Ingilazi isengenye yezinto ezisebenza kahle kakhulu ekuvuseleleni kabusha, njengoba ingavuselelwa kabusha kaningi ngaphandle kokulahlekelwa ikhwalithi yayo. Wonke amakhilogramu aqoqiwe aseka uhlelo olubanzi lokuvuselela kabusha futhi anciphisa isidingo sezinto ezintsha ezisemqoka, okwenza lokhu kube wusizo kokubili kwimvelo  nasemnothweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *