Isifunda uMkhanyakude sihamba phambili ngo 92.8% wemiphumela kamatikuletsheni KwaZulu-Natali

ESITHOMBENI: UMkhanyakude ube isifundazwe esenze kangcono kakhulu sihamba phambili ngamaphesenti angu- 92.8

SHEILA MHLONGO

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnu.Thamsanqa Ntuli, uzwakalise ukujabula okukhulu ngemiphumela kamatikuletsheni, njengoba isifundazwe silale isibili ngemiphumela ye-National Senior Certificate (NSC) ka 2024.

IKwazulu-Natali  ikhuphuke ngamaphesenti angu-3 uma kuqhathaniswa nonyaka ophelile njengoba kulonyaka ithole amaphesenti angu 89.5 ibeka isifundazwe endaweni yesibili ilandela isifunda i-Free State.

UNdunankulu uNtuli umemezele ngokusemthethweni  imiphumela yabafundi bebanga leshumi nambili (Grade 12) baka 2024 e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) eThekwini ngomhlaka 14 Januwari 2025.

“Lokhu kuwubufakazi bokuthi iKwaZulu-Natali ikwazile ukwakha isisekelo esiqinile ezingeni lemfundo esemazingeni aphansi, ezifundeni, ezikoleni kanye nakubafundi.” Kusho uNtuli.

UNtuli uphinde washo ukuthi uhulumeni wesifundazwe usendleleni ebheke ekufezeni umgomo wamaphesenti angu 90. “Asingabazi ukuthi sizokwazi ukufeza siphinde sedlule lomgomo wemiphumela  onyakeni ka-2025.

Kubafundi ababalelwa ku 161, 962 ababhala izivivinyo ebangeni leshumi nambili (National Senior Certificate) esifundazweni bangu 144 990 abafundi abaphumelele. Abangu 84,000 bathola uBachelor pass. Okube sezingeni eliphezulu ezweni, kusuka ku 54.7 wamaphesenti kuya ku- 52.2 wamaphesenti onyakeni ka 2024. Isifundazwe siphinde saba nezikole eziningi ezithole amaphesenti angu-100 okuphasa kusuka ku 246 ngo-2023 kuya ku 321 onyakeni ka 2024.

UMkhanyakude ube isifundazwe esenze kangcono kakhulu sihamba phambili ngamaphesenti angu-92.8, silandelwa isifunda Ugu ngamaphesenti angu- 91.7 kwathi Umlazi wathola 89.8 wamaphesenti.

UNdunankulu uNtuli uphinde wancoma umsebenzi omuhle womnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali kanye noNgqongqoshe Mnu. Sipho Hlomuka ngokuzibophezela ekwenzeni ngcono ezemfundo. Waphinde wabonga othisha, isigungu esengamele izikole (school governing bodies) kanye nezinyunyana.

UNtuli uphinde wedlulisa ukubonga okukhethekile kubafundi  abenze kahle kakhulu (top achievers) kanye nezikole kuhlanganisa namajele athole imphumela engamaphesenti angu-100. Wakhuthaza nabafundi abangaphumelelanga ukuthi baphinde babhalisele ithuba lesibili lokufunda umatikuletsheni ukuze benze ngcono imiphumela yabo.

UNtuli ube esekhuthaza abafundi ukuthi babheke amathuba amasha kwezokuqashwa baphinde bazilungiselele ngamakhono emkhakheni we science, technology, engineering, ne mathematics, ukuze bakwazi ukuthola amathuba ikakhulukazi kulesikhathi se Fourth Industrial Revolution (4IR).

“Niyikusasa lethu, bambani wonke amathuba ngezandla zombili IKwazulu-Natali ibheke nina ukuthi nenze isifundazwe sethu sibe indawo engcono.” kusho uNtuli, kanti uHlomuka ube esebonga ukubekezela kanye nokuzimisela kwabafundi.SANews.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *