THOBILE MBATHA
Njengoba kuqhubeka ukubhaliswa kwamabhizinisi ukuze abanikazi bezipaza zasemakhaya nasemalokishini babhalise amabhizinisi abo, uhulumeni usehlinzeke ngomhlahlandlela kosomabhizinisi mayelana nendlela yokubhekana nohlelo lokufaka isicelo semvume yabadayisi. Ngonyaka odlule, uMengameli Cyril Ramaphosa unxuse zonke izitolo ze-spaza kanye nezindawo zokuphatha ukudla ukuthi zibhalise komasipala bazo njengengxenye yezinyathelo eziqinile zokubhekana nezifo ezibangelwa ukudla esezidlule nemiphefumulo yabantu abangu-22 okuhlanganisa nezingane ezweni lonke.
UMengameli wachaza ukuthi kuhloswe ngakho ukukhipha izibulala-zinambuzane eziyingozi emgwaqweni, ukuvikela izingane ekuthintekeni kulezi zidakamizwa. Ukuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, uMengameli wabe eseyalela ukuthi zonke izipaza nezindawo eziphethe ukudla zibhalise komasipala bazo zingakapheli izinsuku ezingu-21.
Osomabhizinisi abancane bangalandela lemihlahlandlela ukuze baqinisekise ukuthi bayayithobela imithetho kahulumeni:
l Ukubhaliswa kwezimvume zokuhweba zabanikazi bezitolo ze-spaza nabathengisi kwenziwa emahhovisi kamasipala noma ezindaweni eziqokiwe lapho omasipala bazoxhumana khona nezakhamuzi.
l Bonke abanikazi bezitolo ze-spaza kanye nabathengisi kufanele babhalise komasipala babo kusukela mhla ziyi-15 kuNovember nyakenye.
l Amafomu okufaka isicelo sokubhaliswa noma izimvume zokuqhuba ibhizinisi angatholakala emahhovisi kamasipala noma kusizindalwazi sikamasipala.
l Ifomu lesicelo eligcwalisiwe kufanele lamukelwe kuphela yimenenja kamasipala noma isikhulu esijutshiwe kumasipala.
l Isicelo semvume esigcwalisiwe kufanele sibe negama eliphelele lomnikazi webhizinisi, isibongo, ubulili, kanye nesimo sokukhubazeka.
Eminye imininingwane okufanele ifakwe esicelweni semvume yokuhweba yilena:
l Inombolo kamazisi yomnikazi webhizinisi.
l Ikheli lendawo neleposi lebhizinisi elithintekayo.
l Indawo lapho ibhizinisi lizoqhutshwa khona.
l Incazelo yezimpahla noma izinsiza ibhizinisi elizobe lizidayisa noma lizinikeza umphakathi.
l Isimo sokuba yisakhamuzi sabafake izicelo.
l Inombolo yepassport, imvume yesigaba sama-22 yokufuna ukukhoseliswa, imvume yesigaba sama-24, kanye ne-visa esemthethweni evumela abantu bangaphandle ukuthi babe seReplubic to work noma ukuqhuba ibhizinisi.
l Umfakisicelo kumele ahlinzeke nge-affidavit eshoyo ukuthi akazibandakanyi ekuhwebeni kwezimpahla ezingekho emthethweni, njengoba kuchazwe kulomthetho kamasipala nokuthi ibhizinisi lakhe lizosebenza ngokulandela namazinga asebenzayo.
l Umasipala angahlola isizinda sabenzi bezicelo, ngokubambisana nezinhlaka zomthetho, ukuze kuqinisekiswe ukuba semthethweni kwebhizinisi labo.
l Emva kokuthi isicelo sesigculise yonke imibandela eshiwo umasipala, umnikazi webhizinisi uzonikezwa ikhadi lokubhalisa noma imvume okufanele ihlale ikhonjisiwe futhi ibekhona ukuze ihlolwe.
Omasipala kulindeleke ukuthi baphinde baxhumane nezakhamizi ngenqubo yokukhononda engasetshenziswa izakhamuzi kanye namalungu omphakathi ukubika izenzo zamabhizinisi ezingekho emthethweni ezenziwa yinkampani. Lenqubo yezikhalo izophinde ihlanganise imininingwane mayelana nenqubo yokudlulisa izicelo
Ngokwe Immigration Act of 2002, kuyicala ukusiza noma ukuvumela umuntu wangaphandle ongekho emthethweni ukuba enze noma yiliphi ibhizinisi eRepublic of South Africa. Kuyicala ukusiza umuntu wangaphandle ngokungemthetho ukuthi amtholele ilayisense yokuqhuba ibhizinisi. - SAnews.gov.za

