SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe Wezokulungiswa Kwamajele, uPieter Groenewald, uphakamise ukuthi kubuyiselwe isijeziso sokuhlukunyezwa ngokomzimba (Corporal Punishment) kwababoshiwe ngamaphutha amancane kodwa bengakwazi ukukhokha ibheyili, ngenhloso yokwehlisa ukugcwala kwamajele.
Ngokusho kodaba olucashunwe ephephandabeni lesilungu iTIMES LIVE ibike ukuthi uGroenewald ubekhuluma ephalamende ngesikhathi ethula isabelomali sika-2025 kanye nombiko wonyaka owodwa kahulumeni wobumbano (GNU).
Ubalule ukuthi kunabantu abangaphezu kuka-104,000 abavalelwe emajele, kodwa izindawo zokulala zincane. Phakathi kwalaba, kukhona abangu-60,000 abasolwa abasalindele ukuqulwa kwamacala, kanti abangu-2,500 abakakwazi ukukhokha ibheyili engaphansi kuka-R1,000.
“Uma sibheka uhlelo lwethu lwezobulungiswa, kumele siqale ingxoxo yokuthi akumele yini sibuyisele isijeziso sokuhlukumeza ngomzimba ?” kusho uGroenewald.
“Intsha eyeba izinkwa ezingu-10 iyagqunywa ejele ilinde iminyaka emithathu ukuze ithole isigwebo. Cabangani ngalokho akumele yini sibuyisele isijeziso sokuhlukumeza umzimba?”
“Asidingi isijeziso somzimba, sidinga umsebenzi womphakathi” uMakashule Gana, iRise Mzansi
Lesi siphakamiso sibangele ingxoxo phakathi kwamalungu ephalamende. ILungu lePhalamende le-PA, uMarlon Daniels lithi isigwebo sentambo kufanele sibuyiswe kulabo abatholwa benecala lokubulala.
“Isijeziso somzimba sincane kakhulu. Makubuyiswe isigwebo sentambo. Uma ubulala umuntu kumele nawe ulindele ukubulawa.”
Kodwa uMakashule Gana weRise Mzansi uthe kudingeka izindlela ezihlukile zokulungisa ubugebengu.
“Sidinga izindlela ezintsha. Asidingi isijeziso somzimba, sidinga umsebenzi womphakathi.” kusho uGana.
“Baningi abavalelwe emajele abangadingekile khona. Masibathumele emiphakathini bayosebenza mahhala kunokubabuyisela esijezisweni somzimba. Mabahlanze imigwaqo, bakhokhele amacala abo.”
UGroenewald uke waveza phambilini ukuthi abanye abajeziswa ngezigwebo zempilo yonke enganqatshelwe i-parole noma sebefeze zonke izinhlelo zokuhlomisa kabusha.

