ZAMA MAJOLA
UMholi we-EFF uMnu. Julius Malema welule isimemo kuKhomishana waMaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ukuthi ajoyine iqembu lakhe uma exoshwa esikhundleni sakhe. Ekhuluma emcimbini wokugubha iminyaka engu-12 iqembu lakhe lasungulwa ngoMgqibelo eKhayelitsha Rugby Stadium, eWestern Cape, uMalema uzwakalise ukumeseka uMkhwanazi.
“Sithi Mkhwanazi ungasabi ngoba uma bekuxosha kunesikhundla sakho ku-EFF ukuze siqhubeke nokulwa nenkohlakalo eNingizimu Afrika. SinguGeneral Mkhwanazi noGeneral Mkhwanazi uyithi, siyameseka uMkhwanazi futhi asinamahloni ngaye.” kusho uMalema. Sekusungulwe ikomiti lesikhashana ephalamende elizophenya ngezinsolo zikaMkhwanazi. UMalema uthe leli yithuba lokuveza ezinye izenzo zobugebengu kuleli. Unxuse nokuthi nayo yonke eminye imininingwane ebalulekile ekhona emphakathini ilethwe ephalamende.
Uphinde wanxusa nezinye izikhulu zomthetho ukuthi ziphume ziyolwa nobugebengu. Ube esegcizelela nokuthi beyiqembu le-EFF ngeke behlale phansi bevumele izwe liphathwe yizigebengu. “Lesi yisikhathi nesigcawu sokudalula ukubola, uMkhwanazi uvule indlela, masihlangane sibuyise ukuthula nokuhleleka eNingizimu Afrika.”kwengeza uMalema.

