Igatsha le-ANC eKZN leseka ngokugcwele uMnu. Senzo Mchunu

Esithombeni: uMgcinimafa we-ANC kuwadi 23 eVryheid uMnu. Lindokuhle Xulu
ZAMA MAJOLA

Iwadi le-ANC eVryheid ngaphansi kwesifunda saseMzala Nxumalo yeseke ngokugcwele uNgqongqoshe waMaphoyisa uMnu. Senzo Mchunu. UMchunu ubekwe ekhefini eliyisipesheli nguMengameli Cyril Ramaphosa ngemuva kwezinsolo zenkohlakalo eziqubuke ngoKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. UMgcinimafa we-ANC ku-wadi 23, uMnu. Lindokuhle Xulu, uthe bameseka ngokugcwele uMchunu ngoba uhloniphe zonke izinhlelo ezihlanganisa nokusungulwa kwekhomishini ezophenya ngezinsolo abhekene nazo.

“UMchunu ukhombise ukuziphatha kahle njengeqabane eselimnkantshubomvu, siyamhlonipha ngokukhombisa ukuziphatha kahle njengomholi. Siyameseka nangokuhlale ethembekile ezimisweni ze-ANC ezisibophezelayo ukuthi siziphathe ngendlela efanele.” kusho uXulu. Leli gatsha lanikeza uMchunu izimvu ngesikhathi ekule ndawo ekhankasela i-ANC okhethweni lokuchibiyela olusanda kwenziwa, nebala lolo khetho lokuchibiyela lwanqotshwa i-IFP.

Lezi zimvu zaziwuphawu lokubonga ukusebenzisana  nokubambisana kahle noNgqongqoshe wamaphoyisa uMnu. Senzo Mchunu. Leli gatsha le-ANC liphinde lachaza uMnu. Mchunu njengendoda eqotho nehloniphayo. Baphinde bagcizelela ukuthi bazomeseka kuze kuyofika ekugcineni.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *