ZAMA MAJOLA
Beziphezulu izincomo ebezivela eMakhosini naseziMeyeni zoMasipala abebehambele umhlangano obewuhlelwe nguMnyango wakwa-Cogta ngaphansi kobuholi bukaNgqongqoshe uMfu. Thulasizwe Buthelezi obewubanjelwe eThekwini ngoMsombuluko womhlaka-28 kuJulayi. Kulo mhlangano uNgqongqoshe Buthelezi wethule uhlelo olusha abazobamba ngalo imihlangano yalolu hlobo, njengoba ngaphambilini ebehlangana nobuholi boMasipala abangu-54 esifundazweni iKwaZulu-Natal, kodwa manje sekuhlukaniswe ngezigceme phecelezi clusters. Lomhlangano bekungowesigceme i-Coastal Cluster eholwa nguNksz. Princess Mtshali. Ngaphansi kwalesi sigceme kunoMasipala weTheku, uMasipala wesiFunda iLembe noMasipala abangaphansi kwalo kanye noMasipala Ugu nomasipala abangaphansi kwalo. Ngokusho kukaNgqongqoshe Buthelezi ukuhlukanisa ukuhlangana nobuholi boMasipala ngalolu hlobo kuzokwenza kugxilwe koMasipala abakuleso sigceme. Okuvele kulo mhlangano kube yizingqinamba ababhekana nazo, uMnyango wabe usuqhamuka nezixazululo ezingasetshenziswa ukuzama ukuthi oMasipala babe sesimweni esikahle.
UNgqongqoshe Buthelezi uphinde wakhala kakhulu ngokungasetshenziswa ngendlela kwemali yesibonelelo ekhishwa nguMnyango kaMngcinimafa eze iphindiselwe emuva ngabanye oMasipala ngoba bengayisebenzisanga. “Kunenqwaba yezigidi ngezigizi zamarandi ezibuyela emuva ngoba zingasebenzanga kodwa imiphakathi ibe iswele izidingo. Kunengqalasizinda eningi edingekayo njengemigwaqo, amanzi nezindlu zangasese kodwa kunoMasipala ababuyisela imali emuva. Kayikho imali okumele ibuyele emuva njengoba kukuningi abantu bakithi abasasalele ngakho ngemuva.” kusho uNgqongqoshe Buthelezi.
Ngemuva kwezethulo iziMeya zizwakalise ukubonga ngokwesekwa abakunikezwa nguMnyango wakwaCogta, zaphinde zaphakamisa ukuthi ziyacela imihlangano yalolu hlobo ingathathi isikhathi eside ingabanga khona. IMeya kuMasipala Ugu uMnu. Zero Mqadi uthe yonke imibiko eyethulwe nguMnyango ngalabo Masipala bayayamukela futhi bayazijabulela nezixazululo zoMnyango. INkosi yakwaMadlala income kakhulu indlela entsha yokusebenzisana nabo njengaMakhosi ebenze bazibona bebalulekile. “Sikuthokozele kakhulu ukuthi sibe yingxenye uma kudingidwa izindaba zentuthuko yabantu bethu. Siyabonga kuwe Shenge ngokusebenzisana nathi.” kusho iNkosi uMadlala.
Abakwa-Eskom bazwakalise ukweneliseka ngendlela abasebenza ngayo noMasipala abangaphansi kwalesi sigceme bathi noma zikhona izingqinamba ezikhona kodwa kuhle ukusebenzisana okukhona. Umhlangano olandelayo kulindeleke ukuthi ube ngasekupheleni kwenyanga ezayo.

