ZAMA MAJOLA
Maduze abaholi bomdabu KwaZulu-Natal sebezoyithola impesheni kanye nezibonelelo zokwelashwa kulandela ukugunyazwa ngokusemthethweni kwesikhwama sempesheni yaMakhosi yiFinancial Sector Conduct Authority (FSCA). UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uThulasizwe Buthelezi, ukuqinisekisile ukuthi lolu hlelo olwamenyezelwa uMnyango wakhe ezinyangeni ezintathu ezedlule luphumelele.
Lolu hlelo, okungelokuqala ngqa, luqalwe wumnyango wakwa-KZN Cogta ngokubambisana nebhange iStandard Bank lokweseka amakhosi nezinduna ngemuva kokuthatha umhlalaphansi. “Isikhwama sempesheni sakhelwe ukuhlonipha isithunzi kanye nesimo senhlalo yamakhosi ngokuhlinzeka ngohlelo oluhlelekile lokonga oluzokwazi ukufinyeleleka uma esethatha umhlalaphansi. Lokhu kuphawula igxathu elibalulekile ekuhlonipheni umsebenzi wokuphila kwabaholi bomdabu esifundazweni,” kusho uButhelezi. Lesi sikhwama esiyingxenye yohlelo olubanzi lomnyango lokweseka abaholi bendabuko, sibizwa nge-Amakhosi Legacy Plan, ehlanganisa ne-medical aid yabaholi bendabuko. Ngaphezu kwezinzuzo zomhlalaphansi, lolu hlelo luzohlanganisa nezinsiza zokwelashwa eziphelele, eziqinisekisa ukuthi amakhosi anezinsiza ezibalulekile zokunakekelwa kwezempilo. Le ndlela ephelele ikhombisa ukuzibophezela komnyango enhlalakahleni yabaholi bendabuko, ngesikhathi nangemva kokuphatha kwabo.
Amakhosi abamba iqhaza elibalulekile lobuholi njengengxenye yentando yeningi yethu kodwa ukuphepha kwawo kwezezimali akuzange kubhekelwe, yingakho kwethulwa lolu hlelo. Njengoba iFSCA isiphasise lesi sikhwama, uButhelezi uthe uMnyango usulinde isivumelwano esingujuqu kuNgqongqoshe wakwaCogta kuZwelonke uMnu.Velenkosini Hlabisa. Uma konke kuhamba kahle, isikhwama sizoqala ngoNovemba.

