Zifundise ukuzithathela izinqumo ngempilo yakho

Bantu bakithi ngiyabingelela, thatha nawa amazwi amafishane angakusiza. Akekho umuntu onamandla okushintsha impilo yakho ngaphandle kwakho, ezinye zezinto eziyokulekelela ekushintsheni impilo yakho zikuwena

Qaphela ukungavumeli noma  ngubani abenezwi nesabelo empilweni yakho ngoba abanye beza ngathi bazokunika izeluleko kanti bakuphonsa eweni ngamabomu ukuze uhluleke ebese beyakuhleka. Zifundise ukuzithathela izinqumo ngempilo yakho ungavumeli abantu bekunike ezabo.

Kungenzeka udonsa kanzima empilweni kunabantu abakulekelelayo, kuhle lokho kodwa akubenzi babenamandla  okulawula impilo yakho. Zimele uzithathele ezakho izinqumo.

Obhalayo uKatlego Nare

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *