ZAMA MAJOLA
Njengoba abantu bezochitha iskhathi esiningi ezindaweni zokubhukuda iziphathimandla zixwayise abaphuzi amanzi emponjwana ukuthi behlise kancane ngoba yikho kanye lokho okuholela ekutheni inani labantu abagwilizayo linyuke. IPhini leMeya yaseMhlathuze uChristo Botha uthe okubuhlungu wukuthi nezingane zivame ukunganakwa uma sekungene amanzi emponjwana kubazali. “Lokhu sikubona minyaka yonke futhi kudala izinkinga ezinkulu. Abazali abazinakekeli izingane zabo ngendlela efanele. Bakhetha izindawo zokubhukuda ezingaphephile. Bedle amanzi amponjwana, bangene emanzini, bese bengena enkingeni bese bethuka” kusho iphini leMeya.
UBotha wengeze ngokuthi baqashe abanye onogada abangu-27 ukuze banakekele amabhishi namachibi edolobha ngesikhathi samaholidi. Amachibi okubhukuda Lawa: I-Alkanstrand Beach, Palm Beach, Newark Beach, Bayhall Beach, Port Durnford Beach Municipal atholakala ezindaweni ezihlanganisa Esikhaleni, Brackenham, Arboretum, Empangeni, Aquadene, Meerensee, Nseleni, kanye neNgwelezane ithimba labasebenzi abazinikele ngokugcwele lizoba khona kuzo zonke izindawo zokubhukuda ezikhethiwe ukuze kugwenywe izigameko zokuminza.

