SHEILA MHLONGO
USihlalo weKomidi lezokuHlaliswa kwaBantu, Ezobunjiniyela kanye nezokuThutha (Human Settlement, Engineering, and Transport Authority Committee), uKhansela Themba Mvubu, iPhini likaSihlalo, uKhansela Sifiso Mkhize kanye noKhansela waseWadi 2 uMakhosini Luthuli, bahambele uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zaseMakhaya eMaphephetheni (eMaphephetheni Rural Housing Project) ukuyohlola isimo sokuqhubeka kwesigaba sesithathu (Phase 3) kwalolu hlelo.
Lesi sigaba kulindeleke ukuthi sikhiqize amayunithi ezindlu angu-1 132 kubahlomuli abafanelekile baseMaphephetheni ngesikhathi beqhubeka nokuhlola, oKhansela uMvubu, uMkhize, noLuthuli baphinde benza umsebenzi wokunikezela ngezindlu ezingu-7 esezivele ziqediwe kubanikazi. Lokhu kuyingxenye yamayunithi angu-52 aseqediwe kusukela umsebenzi waqala ngoFebhuwari. Phakathi kwabahlomulile abathole amakhaya abo amasha kubalwa uGogo Dudu Gwala (67) waseMgangeni kanye noSimangale Shozi (46) waseMbozama ukubala nje abambalwa.

