THOBILE MBATHA
UMnyango wezeMfundo umemezele uhlelo lukamatikuletsheni lokubhalisa lwethuba lesibili loMnyango wezeMfundo eyisisekelo kuzovalwa mhla ziwu-8 kuNhlolanja 2023.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithe, Lolu hlelo luqondiswe kulabo abangakafinyeleli izimfuneko zokuphasa iNational Senior Certificate (NSC) noma zeSenior Certificate (SC).
Lolu hlelo luvuleleke nakulabo abafuna ukuthuthukisa imiphumela yabo.ephendula imibuzo mayelana nalolu hlelo eMkhandlwini kazwelonke weziFundazwe ngo-Okthoba nyakenye, uNgqongqoshe u-Angie Motshekga wadalula ukuthi okungenani bangu-400 000 abafundi asebesiziwe ngalolu hlelo ukuze bathole iziqu zabo ze-NSC noma ze-SC.
Lolu hlelo lubamba elikhulu iqhaza ekugcineni abafundi bedlulele ohlelweni lokufunda ezikoleni. Labo abasuke befeyilile bayakwazi ukuqhubeka nezifundo zabo.
“Bayakwazi ukubhalisela isifundo esisodwa, ezimbili noma ngaphezulu, bese bebhala izivivinyo ngoMeyi/Juni noma ngo-Okthoba/Novemba. Izikhungo zokusebenzelana ubuso nobuso zigcina abafundi benomdlandla, njengoba belungiselela izivivinyo zabo. abafundi bafudukela eziFundazweni, befuna amathuba emisebenzi kanti iSCMP ivumela abafundi ukuthi baqhubeke nezifundo zabo, kungakhathalekile ukuthi bathuthele kusiphi isiFundazwe,” esho.
Izifundo abafundi abangazibhalisela zihlanganisa lezi ezilandelayo:
- Accounting, Agricultural Science, Business Studies, Economics, English First Additional Language, Geography, History, Mathematics, Mathematic Literacy, Physical Sciences ne-Life Sciences
“Luphinde lunikeze ukwesekwa ubuso nobuso, ukwesekwa nge-inthanethi kanye nezinhlobonhlobo zezinsiza zokufunda. Kanti lusiza ukuthuthukiswa kwezinto ezisekela ukufunda nokufundisa.
ama-LTSM angaphansi kukahulumeni, ahanjiswa kubafundi ngaphandle kwenkokhiso kumfundi,” kusho uMotshekga.
Ukuze ubhalisele lolu hlelo nge-inthanethi ngena ku-www.eservices.gov.za noma uvakashele noma yiliphi ihhovisi loMnyango wezeMfundo eyisisekelo ubenomazisi kanye nesitatimende semiphumela.


