Igcine ihlulekile imizamo kaMavundla yokubuyiselwa kwesePhini leMeya yeTheku

Ukhansela uPhilani Mavundla onguMholi weqembu i-ABC okhishwe esikhundleni sokuba iPhini leMeya

INTATHELI YE-KZN NAMUHLA

Igcine yehlulekile imizamo ka khansela Philani Mavundla yokuphikisa isinqumo soMkhandlu sokukhishwa kwakhe esikhundleni sokuba iPhini leMeya yeTheku. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iNkantolo ePhakeme eThekwini isichithile isicelo sakhe sokuvimbela ukukhishwa esikhundleni kanye nokuba ingxenye yesigungu esiphezulu okwaba isinqumo esakhishwa ngomhlaka 13 Disemba.

Ngokombiko ocashunwe kwelinye lamaphephandaba esilungu iTimes Live, sithi, uMavundla udaba lokukhishwa kwakhe esikhundleni walwedlulisela eNkantolo ePhakeme ngoba ekhala ngokuthi akulandelwanga yonke imigudu efanele yoMkhandlu, wanxusa inkantolo ukuthi isichithe lesinqumo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngoba iNkantolo igcine iphethe ngokuvuna isinqumo soMkhandlu.

Umbiko wephephandaba iTimes Live uqhuba uthi, uMkhandlu uzogcwalisa izikhala zamakhansela azoqokelwa esigungwini esiphezulu ukuze uqhubeke nokwenza umsebenzi wawo wokuletha izidingo kubantu.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMavundla ungumholi eqenjini eliphikisayo i-Abantu Botho Congress (ABC) okuyiqembu elenza isivumelwano sokusebenzisana ne African National Congress  (ANC), eMkhandlwini weTheku okungakho waqokelwa esikhundleni sokuba iPhini leMeya yeTheku.

Liphetha umbiko walo iphephandaba iTimes Live lithi uMavundla uziphendulele ngokuthi, kulungile uyasivuma isinqumo seNkantolo eNkulu ngakho uzobuyela abe iqembu eliphikisayo njengelunga loMkhandlu weTheku kanye nasesikhundleni sakhe sobukhansela kanye nomholi we ABC, futhi leliqembu lizoqhubeka nokuba izwi labantu.