UMnyango wezeMfundo emabangeni aphakeme uDktl. Blade Nzimande usekhiphe isexwayiso asibhekise kubafundi abafisa ukubhalisela imfundo ephakeme ukuthi baqaphele bangabi izisulu zamakolishi angekho emthethweni.
Lamakolishi adume ngokuthi ama ‘Fly by night’ awabhalisiwe ngaphansi kwe Sector Education and Training Authorities (Setas), uMnyango wezeMfundo Emabangeni Aphakeme, nezoQeqesho (Department of Higher Education and Training) kanye neminye iminyango efanele.
UDktl. uBlade uzwakalise ukuthi lamakolishi anikeza abafundi iziqu ezingahambisani nalezo ezigunyazwe umnyango, Lamakolishi akhohlisa abafundi abenza bakholwe ukuthi abanikeza ezigunyazwe iSAQA kanti futhi azibenzi ukuthi bathole imisebenzi noma bakwazi ukuqhubeka nemfundo .
Nakuba esekhona lamakolishi mbumbulu kodwa uMnyango wezeMfundo ngokubambisana nabomthetho ukwazile ukuvala iningi lawo. Lokhu okuyinto eyenzeke ngenxa yemikhankaso esabalaliswa ngokubambisana nabezindaba ikakhulukazi amaphephandaba
UNzimande uphethe ngokuyala abafundi abafisa ukubhalisela ukuqhuba izifundo zabo emakolishi azimele(private colleges) ukuba babheke isimo sekolishi ngaphambi kokubhalisa kanti lokhu bangakwenza ngokuthibashayele inombolo yamahhala yomnyango wezeMfundo ethi: 0800 872 222 noma bavakashele iwebsite:www.dhet.gov.za/resources/registers.


