Iqembu lebhola laseMgungundlovu lizothatha abadlali abasha

Esithombeni: Abadlali beqembu iCrystal Rangers Youth Football Academy

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Iqembu lebhola lezinyawo iCrystal Rangers Youth Football Academy ezinze eMgungundlovu selikhiphe isimemezelo sokuthi lizimisele ukuthatha abahlali abasha abazoba yingxenye yaleliqembu njengoba kuqala unyaka ka2023.

Ekhuluma nephephandaba iKZN Namuhla uThabani Msebe uthe “siyiqembu sizimisele ukuthatha bonke abadlali abafisa ukuba ingxenye yeqembu yize ngingenaso isibalo esiqondile sabadlali esizobathatha kodwa okwamanje sibheka abadlali abaneminyaka esuka ku-11 kuyaphansi bese kuphinde kube abaneminyaka engu-21 kuyaphansi womabili amaqembu elabafana namantombazane ngakho uma kukhona umdlali omaziyo odinga iqembu siyacela umuyalele iCrystal Rangers Youth Football Academy”

Kubo bonke abadlali abafisa ukuba ingxenye yeqembu bayamenywa ukuba baphumelele emhlanganweni ozobe ungomhlaka 14 Januwari 2023 bayacela ukuba bafike nabazali babo.

Ngezansi imininingwane mayelana nemhlangano

14 January 2023

Pietermaritzburg

St Nicholas Soccer Field

65 Prince Alfred street

Isikhathi: 11am

Uma kukhona ofisa ukukwazi kabanzi mayelana nalomhlangano uyacelwa ukuba ushayele kule nombolo: 0659172872