Inhlangano i-DDP isingathe inkomfa ye Civic Education

Omqondisi jikele we DDP, uDktl Paul Kariuki evula inkomfa ye Cevic Education Elangeni Hotel Izinhlangano zemiphakathi akumele zihlezi zigxeka osopolitiki kodwa nazo zibe zehluleka ukwenza umsebenzi wazo.

SHEILA MHLONGO

Inhlangano iDemocracy Development Program (DDP) isingathe inkomfa ye Civic Education, lapho ibimeme khona izinhlangano zemiphakathi (Civic Organisations) abaholi bezepolitiki, izifundiswa kanye nabezindaba. Lenkomfa ibibanjelwe eLangeni Hotel, eThekwini ngoLwesibili lomhlaka 22 Agasti 2023

UDktl Paul Kariuki onguMqondisi Jikelele we DDP uvule inkomfa echaza mayelana nenhloso yenkomfa kanye nokubaluleka kwe Civic Education.

UMnu Lukhanyo Neer we Thabo Mbeki Foundation, uchaze mayelana negebe elikhona phakathi kwe Civic Education ne political participation kanye neqhaza lezinhlangano ezingama Legacy Foundation ekuqiniseni isisikelo sombuso wentando yeningi.

ULukhanyo  uthe nakuba engeke akhulumela wonke ama Legacy foundation kodwa uyakholelwa ukuthi zonke zinenhloso efanayo yokubamba iqhaza embusweni wentando yeningi, kanye nokuqinisekisa ukuthi umphakathi uyaliqonda iqhaza lawo ezindabeni zokubuswa kwezwe.

UThobani Zikalala, ongumhlaziyi ozimele (Independent Analyist). Uchaze mayelana neqhaza lamaqembu ezepolitiki ekudluliseni ulwazi kubantu mayelana nohlelo lokuvota.

Uchaze wathi kubalulekile ukuthi wonke amaqembu ezepolitiki abe nohlelo lokufundisa ngepolitiki, nakuba amanye awo engenalo sanhlobo loluhlelo, uthe, ukholelwa ukuthi kunezigaba okumele zihanjwe ngaphandle kokweqa ezinye, kumele izinhlangano zepolitiki zikhankasele ukuba namalunga, ziphinde zidlulele kwezinye izigaba azibalulile.

UThabile Mdluli – Umbhali (Author) ne Facilitator, yena ukhulume ngeqhaza  labakhankasela ushintsho  emphakathini (activists), nakuba ngesinye isikhathi kuba nenkinga yokuthi abakhankaseli boshintsho baphinde banqindeke amandla noma baphinde nabo bafune ukuba mdibi kwezepolitiki.

Inkulumo ngxoxo phakathi kwezihambeli zenkomfa kanye nabethuli bezinkulumo ikugcizelele ukubaluleka kokuthi abezepolitiki bafundise umphakathi mayelana neCivic Education

USandile Ngcobo,obethamele inkomfa yena ubeke wathi,  Izinhlangano zepolitiki aziyenzi i-political education ngoba zifuna ukuba oMesiya bomphakathi. Wathi ngakolunye uhlangothi  amashoshozela okuletha ushintsho (Activists) emphakathini, umsebenzi wawo ukwazisa umphakathi ngezinto ezenzeka kuhulumeni.

Omunye uveze ukuthi kubalulekile ukuthi kube nemibhikisho ngoba sisekhona isidingo sayo. Kanti kuphinde kube nenkinga yokuthi ama Activists aphinde afakwe kwezepolitiki lokhu okwenza ukuthi agcine engasayazi inhloso yobukhona bawo emphakathini, lokhu okwenziwa osopolitiki ngoba ewabona ekhuluma kakhulu.

UNonkululeko Hlongwane -Mhlongo weqembu leRise Mzansi uthe uyavuma ukuthi ipolitiki iyindlela yokuphila, wathi amaCivic organisation akumele ehlezi egxeka osopolitiki nje kuphela kodwa nawo ebe engawenzi umsebenzi wawo, kunalokho ahlezi ebheke indaba yokuthola izimali zoxhaso  kuphela emva kwalokho ajombele ekubeni osopolitiki

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *