Kwethulwe uhlelo lokunqanda ukukhulelwa kwamantombazane esikoleni Isolemamba

IMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda wethule uhlelo lokunqanda ukukhulelwa kwamantombazane asafunda ezikoleni. Loluhlelo lwethulwe esikoleni Isolemamba High School eningizimu yeTheku, ngomhlaka 17 Agasti.

Ethula loluhlelo uMeya uKaunda uthe inhloso yalo ukwehlisa isibalo sabafundi bamantombazane abakhulelwayo besafunda  size sifinyelele ku Zero Percent okusho ukuthi kuqedwe nya, ukuze amantombazane akwazi ukuhlala esikoleni aze afinyelele ebangeni leshumi nambili (Grade 12).

Eqhuba uKaunda uthe liphezulu kakhulu izinga lokukhulelwa kwamantombazane eThekwini okuyinto ebakhathaza kakhulu benguMkhandlu  

“Liphezulu kakhulu izinga lokukhulelwa kwamantombazane kanti kuletha ukukhathazeka ngempilo yawo, ngoba kusho ukuthi azibandakanya ezintweni zokwenza ucansi ngaphandle kokuzivikela lokhu okuphetha ngokuwafaka engcupheni yokuthi atheleleke ngegciwane leHIV”. Kuchaza uMeya Kaunda.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *