OFakazi bakaJehova bazobamba umhlangano wokuqala omkhulu ,Ubuso-no-buso,  eKings Park Stadium ,selokhu kwagcina ngo 2019.

Abamelele i- Public Information Department Of Jehovah’s Witnesses in KZN- eThekwini. Lindani L. Mhlongo ( Secretary Durban Isi Zulu) and Thabo Mthethwa (Local Spokesman Durban isiZulu)

Ngemva kokuvaleleka iminyaka emithathu ngenxa yobhubhane lwe-Covid, oFakazi BakaJehovah bakhethe i-Kings Park Stadium ukuthi kube iyona inkundla abazojabulela kuyo umhlangano wesifunda wezinsuku ezintathu onesihloko

esithi ; “Bekezelani” ! Ngaphambi kokuba kuqale lolu bubhane ngo-2019 isikhathi somhlangano soFakazi BakaJehovah sasibonakala ngokugcwala kwezindawo zokulala nezokudlela ,njengoba bezojabulela bukhoma loMhlangano wezinsuku ezintathu

waminyaka yonke. Ngonyaka ka-2020 ,ubhubhane lwaphazamisa lenqubo ejwayelekile , okwenza ukuthi imbuthano yonke ehlanganisa abantu ubuso nobuso imiswe emhlabeni wonke.

Nokho imbuthano yemihlangano onjenganalo neminye iye yaqhubeka yenziwa kusetshenziswa ezobucwepheshe , ngezilimi ezingaphezu kuka- 500 . Kusukela ngo

October, ziwu-6 kuya ku-8, 2023, OFakazi, bazobuyisela inqubo ejwayelekile echazwe ngenhla ,KwaZulu Natal Province.

“Sasikujabulela kakhulu ukulalela imihlangano sihleli emakhaya kusisebenzisa ezobucwepheshe kodwa akukho okudlula ukuhlangana ndawonye ngokoqobo kulezi zindawo ezihlukahlukene zomhlangano” kusho uThabo Mthethwa,okhulumela oFakazi BakaJehova olimini lwesiZulu eThekwini.” Nakuba iMhlangano yokuxhuma ngezob’chwepheshe,phecelezi, -online conventions, yafinyelela izigidi zabantu emhlabeni wonke , futhi yagcina imphakathi yethu iphephile , simagange ukuphinde sibe nobudlelwano obujabulisayo ngokoqobo nabafwethu nodadewethu

kulemihlangano emikhulu.

Kuzoba nemihlangano emkhulu engaba u-6 000 ezingxenyeni ezihlukahlukene emhlabeni wonke kulo nyaka ka-2023 onesihloko esithi, ” Bekezelani ” ! E-South Africa kuphela nje, kuzoba nemihlangano engaba u-60 ezoba semadolobheni awu-20 . Kuzoba nezingxenye eziyisithupha kusukela ngoLwesihlanu kuze kube i-Sonto kudingidwa lemfanelo yokubekezela ezobe iqokamisa indlela esebenza ngayo esikhathini samanje , isebenzisa izibonelo ezitholakala emavesini eBhayibheli .

Ngemva kwenxenye yangoMgqibelo ekuseni ,kuzoba nobhaphathizo oluzobe

lwenzeka bukhoma enkundleni, futhi kuzoba khona i-drama eyi-movie, enezingxenye ezimbili, ezodlala NgoMgqibelo ntambama enye idlale ngeSonto ntambama.

“Imfanelo yokubekezela iyimfanelo enhle yawo wonke AmaKrestu afisa ukuyibonisa ekuphileni kwawo kwansuku zonke ,”kusho u-Mthethwa. “ngisho sinezisusa ezinhle ukubonisa lemfanelo yokubekezela ngokuqhubekayo ekuphileni kwethu okunezinselele eziningi , lokhu kungaba impi yansukuzonke, ngakho-ke Ukuchitha izinsuku ezintathu sidingida lemfanelo, kuzobe kufike ngesikhathi kithi sonke.”

OFakazi BakaJehova bebenokubambela lemihlangano evuleleke kumphakathi ezindaweni , ezinjengezinkundla zemdlalo ,ama-arena , convention centres nakuma-theaters , emhlabeni wonke eminyakeni engaba ngaphezu kuka- 100 edlule.

Ngemva kokubuyela njengamaqembu amancane emhlanganweni yasemabandleni nokushumayela obala phakathi konyaka ka – 2022, u-2023 uzoba owokuqala , lapho oFakazi BakaJehovah behlangana ndawonye emhlanganweni yesiFunda ezindaweni ezihlukahlukene ngemva kokususwa kwemingcele yobhubhane emihlabeni

wonke.

Lomhlangano uvuleleke wonke umuntu okhona emphakathini , kungenwa mhhala futhi akuthathwa nkongozelo. Ukuze uthole okwengeziwe ngesimiso salomhlangano noma uthole izinsuku zomhlangano oseduze nawe ,ungene

kwingosi ethi; www.jw.org ungene kwingxenye ethi “Mayelana Nathi”.

PIC CAPTION.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *