Adlulise iziphakamiso amalungu omphakathi ehlanza uMgababa Beach

: Amalungu omphakathi waseMgababa ehlanza ihlathi eligudle ulwandle.

NKOSIE NTOMBELA

Abephume ngobuningi bawo amalungu omphakathi angaphezu kwekhulu ezonqamula izihlahla eziseduze no Mgababa Beach okuyihlathi elasala dengwane emva kwezibhelu zodlame ezaqeda ngesakhiwo esasinezitolo nezindawo zobumnandi endaweni.

Lama lunga omphakathi abesho ngazwi linye ngesikhathi iNtatheli yeKZN Namuhla Newspaper izifikele mathupha kuwona ethi awalifuni ihlati ngoba lifihla izigebengu.

Obesuka kwisigungu se African National Congress eThekwini uNginike Mbambo obekhona uthe “njengoba I Ward 98 ingenye yendawo esiphethe kuyo sizozama ukuthi silubheke udaba lomphakathi njengoba bedlulisa iziphakamiso sizobheka ukuthi ngokohlelo lwezimali njengoba umphakathi ufuna izitolo ikhona yini imali kwisabelomali somkhandlu kodwa okubalulkile ukuthi sizobheka nakweminye iminyango ilekelele njengoba sibona kunomama asebekhululile kakhulukazi uParks “. uNginike Mbambo uphinde wagcizelela ukuthi njengoba labomama bekuhlelo luka Zibambele uma beya kwimpesheni banohlelo lokudlulisa bafake izingane zabo emathubeni avelayo njengoba bezinikela ekusebenzeleni umphakathi.

Umholi weziBambele uMbhasobhi Mkhize ekhuluma nabezindaba naye ukhale ngokuthi njengoba ebona indawo engathi sekwanda izakhiwo bakhathazekile ingako besukuma wasecela omama abaku Zibambele ekutheni bavikele lendawo okuyiyo kuphela abanayo engadala amathuba omsebenzi kusizukulwane esizayo.Khonamanjalo nobemele ubuholi bendawo eMgababa ku Ward 98 uSithembile Maphumulo ongunobhala kwi ANC Women’s League uthe ” siwomama njengoba siphume ngobuningi bethu sifisa kuphele lamahlathi kakhulukazi kubenokuphepha njengoba kuza ihlobo la kuzobakhona abantu abazovakasha futhi siyacela nohulumeni angenelele lendawo kwakhiwe ingqalisizinda ezokwakha amathuba omsebenzi kuthuthuke nendawo siyacela kubuye lendawo esake sabanayo kudala ethandwa kakhulu izivakashi sibonga nabaka Zibambele ngokubambisana nathi kuphetha uSithembile Maphumulo obesuka kwisigungu esiphezulu kwi Wanda Cele Branch.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *