SHEILA MHLONGO
I-Shoprite Group imema zonke izitshudeni ezinomdlandla wokusebenza ezitolo ukuthi zifake izicelo zomfundaze ngaphansi kohlelo lwe Comprehensive bursary program.
Izitshudeni okumele zifake izicelo ilezo ezisemkhakheni weze Accounting, Biological Sciences, Information Technology, Logistics and Supply Chain, Retail Business Management, Food Sciences, kanye ne Agricultural Sciences. Ukufakwa kwezicelo kuqale ngomhlaka 1 Julayi kanti koze kuvalwe ngomhlaka 30 Septhemba kwabazofunda onyakeni ka 2024/2025.
Lomfundaze uhlanganisa ukukhokhela izindleko zokufunda, indawo yokuhlala kwi Campus, kube imali yokuthenga ukudla (grocer) kanye nokufakwa ngaphansi kwe Group Employee Welness Program. Iningi lezitshudeni zithola ukuqashwa uma sezithola iziqu, zinikezwa uqeqesho emsebenzini ukuze zikwazi ukungenza ebhizinisini ziphinde zithole amathuba amaningi enkampanini.
Insizwa engu-Sha-Abaan Slamang (25) wase Malmesbury, wajoyina kwi-Group ngonyaka ka- 2022, emva kokuthi inkampani ikhokhele izifundo zakhe zeB-Com Honours degree kwi- Stellenbosch University. Uhambo lwakhe selumenze wafinyelela ezingeni leData Analyst ophikweni lwe ShopriteX esuka kolwe Logistic.
“Ngiyabonga ukuthi uShoprite ukwaze ukungipha ithula elihle kanjena. Ngisebenza kahle kakhulu nethimba elingesekayo futhi liwuthathela phezulu umsebenzi wami.” kusho uSha-Abaan.
UGhea Warnich (26) oyi Chartered Accountant wase DurbanVille uqhuba kahle kakhulu emsebenzini wakhe omusha wokuba yi- Third Party Financial Manager. Ezinyangeni ezinhlanu kuphela ephothule ama Articles akhe eSAICA. UShoprite wamuxhasa ngomfundaze we B Accounting kanye ne Honours Degree yase Stellenbosch University.
“Indlela engiqeqesheke ngayo yangisiza ukuthi ngibe ilomsenzi enginguye manje. Bekunzima kungelula kodwa kungiqinisile ingakho ngenza umsebenzi omuhle wokuba imanager. Lona umkhakha uhlale ushintsha njano ngenxa yokuthi uhlale ubheka izindlela zokwenza ngcono amakhasimende awo.”Kusho uGhea.
UShoprite uyinkampani eqasha abantu abaningi eNingizimu Afrika. Ifaka utshalomali luka R15million ekuxhaseni imfundo yezitshudeni ezibalelwa ku 200 njalo ngonyaka, kanti isanda kuqinisekiswa yiTop Employer Institute okuyinhlangano yomhlaba.

