Izokwenyuka imali yezibonelelo zikahulumenni ngo-Ephreli

SHEILA MHLONGO

Zonke izibonelelo zikahulumeni ngaphandle kwesibonelelo se-Social Relief of Distress (SRD) kulindeleke ukuthi zikhuphuke kusukela ngo-Ephreli kulonyaka.

Ekhuluma ePhalamende ngesikhathi ethula Inkulumo Yesabelomali sika-2025 mhlaka-12 Mashi, uNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana uthe inani labantu abazothola izibonelelo zikahulumeni ngaphandle kwabasebenzisa isibonelelo se-SRD kulindeleke ukuthi likhule lifike cishe ku-19 million ngo-2025/26 naku-19.3 million ngo-2027/28 ngenxa yokwanda kwesibalo sabantu abadala.

UGodongwana uthe ngo-2025/26 izibonelelo zikahulumeni zizohlukaniselwa u-R284.7 billion.

“Njengoba uMengameli amemezele enkulumeni yombuso isibonelelo se-SRD sizosetshenziswa njengesisekelo sokwethulwa kwesibonelelo esizinzile sokuqinisekisa imali engenayo kubantu abangasebenzi.

“Uhlobo oluzayo kanye nokusebenza kwesibonelelo se-SRD kuzoncika emiphumeleni yokubuyekezwa kwezinqubo zemakethe yezabasebenzi. Lokhu kulindeleke ukuthi kuqedwe ngoSepthemba 2025.

“Iqiniso ukuthi izwe lethu linesistimu (system) ephambili yokuvikela abampofu uma liqhathaniswa namanye amazwe asathuthuka. Lokhu kukhombisa ukuzibophezela kwethu ekulweni nobubha nokungalingani nokuyilapho siqinisekisa ukuthi ukusetshenziswa kwezimali kuzinzile,” kusho uNgqongqoshe.

Ukwenyuka kwezibonelelo kulonyaka zihlanganisa:

  • Isibonelelo sabadala sizokwenyuka sisuke ku-R2185 siye ku-R2315
  • Isibonelelo samaveterani ezempi sizokwenyuka sisuke ku-R2205 siye ku-R2335
  • Isibonelelo sokukhubazeka sizokwenyuka sisuke ku-R2185 siye ku-R2315
  • Isibonelelo sokukhulisa umntwana/ Izintandane sisuke ku-R1180 siye ku-R1250
  • Isibonelelo sokukhubazeka komntwana  sisuke ku-R2185 siye ku-R2315
  • Isibonelelo sokweseka ingane sizokwenyuka sisuke ku-R530 siye ku-R560
  • Isibonelelo sokuqondisa usizo sizokwenyuka sisuke ku-R530 siye ku-R560

Encwadini yohlaziyo lwesabelomali, uMnyango Wezezimali Kazwelonke uthe isabelomali sezibonelelo zomphakathi sikhuphukile ngo-R8.2 billion esikhathini esimaphakathi ukuhambisana nezindleko eziphezulu zokuphila.

“Isamba esingu-R35.2 billion sabelwe ukunweba ukukhokhelwa kwesibonelelo se-SRD esingu-R370 ngenyanga ngomuntu oyedwa okuhlanganisa nezindleko.” kusho lo mnyango.

UMnyango WezokuThuthukiswa komphakathi owengamele izibonelelo zikahulumeni, unikezwe u-R422.3 billion ngo-2025/26, kanti kulindeleke ukuthi ukhuphuke ufinyelele ku-R452.7 billion ngo-2027/28, ngamanani okukhula phakathi kuka-4.5% ngonyaka.

“Lemali isekela ukwehliswa kobubha ngezibonelelo zikahulumeni ukuhlinzekwa kwezinzuzo zezingozi ngezinhlelo zomshwalense womphakathi, nokulethwa kwezinsiza zenhlalakahle, izinhlelo zentuthuko, izinhlelo zokufukula abantu, ukulingana kwezinhlanga, nokukhuthaza amalungelo ezingane, abesifazane, intsha nabantu abadala nabakhubazekile.

“Ukusetshenziswa kwezibonelelo zomphakathi kwenza u-81% wesabelomali salo msebenzi. Ngokukhula okuphakathi kuka-5.3% ngonyaka izindleko zokuvikela umphakathi ziyanda zidlula isilinganiso sokwenyuka kwamanani entengo kodwa izinguquko ohlelweni lwezibonelelo kanye nokonga izindleko kuzodingeka ukuze

kuqinisekiswe ukuzinza kohlelo lwezokuphepha kwezenhlalo.

“Isabelomali sokusebenza kwalesi sigaba sizoba ngaphansi kweziqondiso ezithile, okuhlanganisa nesidingo sokuthuthukisa ukuqinisekiswa kobufakazi babasebenzisi ngezindlela zobuchwepheshe ukuze kube nokonga kwezezimali,” kusho uMnyango Wezezimali Kazwelonke.

– SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *