SHEILA MHLONGO
UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi wethule umkhankaso wohlelo lukazwelonke lokuvikela izingane, kulandela izibalo ezethusayo ezikhombisa ukuthi kubikwe amacala angaphezu kuka-26,000 okuhlukumezeka kwezingane kunyaka -2024/25. UNgqongqoshe uSisisi Tolashe wethule lohlelo eThaba Nchu, Free State.
Uthe uPhiko lomnyango lunoMthetho wokuvikela izingane, nakuba ziqhubeka ukuhlukumezeka. Izibalo zikhombisa ukuthi iningi lamacala lihlobene nokuhlukumezeka ngokocansi, ukunganakwa, nokushaywa. Uphinde waveza ukukhathazeka ngokukhulelwa kwezingane ezineminyaka engu-10 kuya kwengu-14.
Uhulumeni usungule uhlelo lwamasonto angu-90 lokulwa nodlame olubhekiswe ezinganeni nasesifazane. Uthe kubalulekile ukuthi bonke abantu, kubalwa abazali, imiphakathi, lezizinkolo nabaholi bendabuko babambisane ekuvikeleni izingane.
Izinyathelo zomhlaba wonke nazo ziyasekelwa, kuhlanganisa ukuxhasa abazali, ukudala indawo ephephile, ukuvumela izingane ukuba ziveze imibono yazo, ukunikeza ukwesekwa kwengqondo nezenhlalo, ukuguqula imikhuba eyingozi kanye nokwandisa usizo lwezezimali ezifanele izingane.

