Isimo akhule naso isona esimenze waba nentshisekelo yokuphokophelela phambili

ZUKISWA MTHANTI

Owase Xobho odume kakhulu ngomculo wokholo uSiphosethu Ndlovu, uthweswe iziqu zesibili kwi Criminology and Forensic kwiNyuvesi yaKwa Zulu-Natali (Howard) kuyo lenyanga iqala. Ukuqala kwakhe isikole samabanga aphansi eneminyaka ewu-15 ngenxa yesimo azalwe naso akumivimbanga ukuthi afezekise amaphupho akhe nezifiso zakhe akade abanazo kusukela esamncane.   

“Into engingayisho ukuthi into eyenza ukuthi kuthathe isikhathi ukuthi ngiqale esikoleni ukuthi abazali bami babekholelwa ekutheni kumele ngifunde ezikoleni zabantu abanesimo sokukhubazeka, Kodwa okwagcina kungenzekanga. Ngesikhathi  sengingenile esikoleni kwaba lula ukuthi ngihambisane nesimo sakhona ngoba kwakuyinto vele engangihlezi ngiyifisa. Into eyayihlezi ingibusa ukuthi ngibe isibonelo esihle kubantu abaphila nalesimo engikuso bazi ukuthi akukona ukuphela kwempilo zabo kodwa impumelelo ilele ezandleni zakho ngiphinde nami ngizakhele igama” kuchaza uSiphosethu .

Uphinde wasilandisa ngokuthi umndeni wakhe udlale indima enkulu ukuze afinyelele lapha ekhona. Umama wakhe ubemugqugquzela ngaso sonke isikhathi ukuthi aphokophelele phambili. Zikhona ingqinamba ahlangabezane nazo ngesikhathi efunda okubalwa kuzo ukungabi noxhaso lomfundaze ephakathi nokufunda. Konke lokho ukubone njenga nesimo esimenze waba nentshisekelo yokuthi ufunde ukuze ezokwazi ukishitsha isimo sasekhaya esingasihle.

Uphakamise kakhulu ukubonga kubantu abamufisele ikusasa elihle kwizinkundla zokuxhumana waphinde wacela nosizo lokuthi afuniswe umsebenzi njengoba esenako akuphethe esandleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *