I-KwaZulu-Natali izibophezele ekulweni nobugebengu

SHEILA MHLONGO

NgoLwesithathu, lomhlaka-Meyi 7, 2025, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, uqinisekise ukuzibophezela kukahulumeni  Wokulwa Nobugebengu (CAC) ukunciphisa ubugebengu obusabalele esifundazweni.

Ekhuluma njengoSihlalo weCAC, uNtuli uthe umgomo uwukusebenza ngokubambisana phakathi kwazo zonke izikhungo, ukwakha izindlela zokuvimbela ubugebengu, nokubandakanya imiphakathi.

Lo Mkhandlu wasungulwa ngoNovemba 2024 futhi ubalulekile ekuqinisekiseni ukuphepha nokulwisana nezenzo ezingekho emthethweni.

Uphawule ngemiphumela emihle yePhasika ka-2025, lapho kubonakale khona ukwehla kwezingozi zomgwaqo, uNtuli ubonge amaphoyisa, abaqaphi bezokuphepha, nomphakathi. Kodwa futhi uxwayise ngokwanda kobugebengu obufana nokuphanga izimoto zemali, ubugebengu bedijithali nodlame olubhekiswe kwabesifazane.

Uphinde waveza ukukhathazeka ngokufuduka okungekho emthethweni futhi wagcizelela isidingo sokuvikela izinhlelo zikahulumeni.

UNtuli ugcizelele ukuthi ukuthula nozinzo kuyisisekelo sokukhula komnotho nokwakha impilo engcono kubantu baseKZN. Uthi uMkhandlu Wokulwa Nobugebengu uzoba yinsika yokwakha isifundazwe esingenabo ubugebengu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *