NKOSIE NTOMBELA
INational Institute for Communicable Diseases inxuse izifundazwe ezifana neKwaZulu-Natali lapho zingakatholakali khona iziguli ezinekholera ukuthi ziqaphe futhi zibikele uMnyango wezeMpilo uma kukhona okusolwayo.
UMnyango wezeMpilo kuzwelonke ubukhuluma kwisthangami sezindaba emuva kokuqubuka kwesifo sohudo eGauteng lapho kushone khona abantu abangu-15 eHammanskraal.
Izifo zekholera ziphinde zatholwa ezingxenyeni ezithile ze-Free State UMnyango uthe amazwe angu-15 e-Afrika abhekene nokuqubuka kwekholera okuhlanganisa neNingizimu Afrika, futhi kuzokwandisa ukubhekwa kwekholera kuzo zombili izimo ezingeniswa kwamanye amazwe nezithathelwana kuleli.
UDkt Juno Thomas, weNICD, uthe kubalulekile ukuthi izifundazwe ezingenazo izifo zekholera ziqaphe.“Angikwazi ukugcizelela ngokwanele ukuthi lokhu kubucayi kangakanani. Uma kunyuswa ukugadwa kuzosiza ekwelapheni iziguli uma kutholakala ukuthi banekholera.”
“Uhudo oluyingozi oluthatha izinsuku ezingaphansi kweziyisikhombisa kanye nendle exegayo izikhathi ezintathu esikhathini esingamahora angu-24 yizimpawu ezingase zibe nesifo sohudo. Cishe u-20% walokhu uholela esihudo esibi kakhulu nokuhlanza. Kumele kuqashelwe ukuthi iziguli zingase zingabi nawo umkhuhlane. Ukuqinisekiswa kwekholera kungabonakala ngokuhlolwa kwendle. Kungakhathaliseki ukuthi indle iyini, iziguli ezikhishwa isifo sohudo esibi noma esibi kakhulu kumelwe zibhekwe njengeziguli ezisolwayo zekholera.” Kuphetha uThomas
Ukuphuza amanzi ahlanzekile nokusheshe ubonane nabezempilo mawubona lezimpawu ezibaluliwe kumele sikuqiniseke kakhulukazi kwizakhamuzi ezisemakhaya njengoba sikhombisa ukubheduka lesifo sohudo.

