NKOSIE NTOMBELA
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uJenene Bheki Cele, ekanye noKhomishana wesiFundazwe saKwaZulu-Natali, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, babambe umhlangano kanye nabanikazi bamatekisi nabaholi bendabuko ngo Mgqibelo zingu 20 Meyi 2023 e-Ladysmith Indoor Sports Centre.
Lokhu kulandela umcimbi obungoMsombuluko, mhla ziyi-10 kuMeyi wezi-2023, lapho ababambiqhaza bemboni yamatekisi bebambe umhlangano emzamweni wokuthola izisombululo kulezinkinga eziqhubekayo zodlame nokusabisa phakathi kososeshini abayizimbangi eLadysmith.
Le mikhankaso iza njengoba inqwaba yabanikazi bamatekisi bedutshulwa KwaZulu-Natali. Amaphoyisa aphenya amacala okubulala, okukholakala ukuthi kungenxa yombango oqhubekayo wamatekisi.
Okuhlalukile kulomhlangano uNgqongqoshe unxusa abaholi bomphakathi nabo osozimboni bamatekisi ukuthi basebenzisane namaphoyisa ekuxazuleni izinkinga lemboni ebhekene nazo ukuze kubenokuthula wathi kumele kubanjiswane ekulweni nalesihlava sokubulalana embonini yamakatekisi kuphetha uNgqonqgoshe wamaPhoyisa uJenene Bheki Cele.

