Kuxwayiswa umphakathi ngokusabalalisa ama-video agqugquzela udlame ezinkundleni zokuxhumana

SHEILA MHLONGO

Sekukhishwe isexwayiso esibhekiswe emphakathini mayelana nokusabalalisa ama-video agqugquzela udlame ezinkundleni zokuxhumana. Lesexwayiso besikhishwe uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi esifundazweni sase Eastern Cape uMnu Xolile Nqatha, emva kokuthi kusabalaliswe ivideo ezinkundleni zokuxhuma ebisabisa umphakathi ngokuthi ungalisebenzisi ilungelo lawo lokuvota.

UNqatha uqhube wathi uhulumeni uzobathathela izinyathelo ezinqala labo abesabisa abanye abantu besebenzisa amavideo nama voice notes bememezela izenzo zodlame.

Ngokwemibiko ekhishwe  ekuseni ngoMsombuluko womhlaka 27 May, uthi osomatekisi badune amaloli maqede bawasebenzisa ukuvala umgwaqo oku N2 no R61,lokhu okubikwa ukuthi kwenzeke ngenxa yokuthi osomatekisi beziphindiselela emaphoyiseni agasele lapho bebenza khona izenzo zodlame endaweni yaseMtatha, eTsolo kanye nasezindaweni eziseduze  ngeviki eledlule. Kulokhu amaphoyisa aphuce osomatekisi izibhamu ngenxa yokwenza udlame

Isenzo sakamuva esendoda ebonakale ezinkundleni zokuxhumana imemezela ukuthi kuvalwe yonke into ngaphambi kokuthi kube nokhetho.

UNqatha uzwakalise ukudinwa kwakhe ngezenzo zodlame wathi umuntu owenze ivideo kuyafana nokuthi uthuka ngenhlamba ukuzinikela kwalabo abalwela inkululeko yalelizwe kanye nokubukela phansi umthetho esifundazweni. Wathi uMnyango wakhe wenza konke okusemandleni ukusebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuze kuqedwe udlame ematekisini. SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *