
I-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) isikhiphe isitatimende inxusa izitshudeni ezifunda kuma Technical Vocational Education and Training (TVET) ezingaphansi kohlelo lwayo lwesibonelelo ukuthi ziphuthume zilethe imininingwane yazo yasemabhange ukuze zizothola ukukhokheleka.
Lesitatimende siza emuva kokuthi uAdministrator we NSFAS uFreeman Nomvalo enze lesimemezelo ngesikhathi kade kune sithangami sabezindaba ebesingoMsombuluko womhlaka 27 May, ePitoli, isithangami besimayelana nenqubekela phambili ephathelene nokukhokhwa kwezibonelelo zabafundi zokukhokhela izinto ezifana nezindawo zokuhlala kanye nezinye izinto zesikole.
UNomvalo uthi uNSFAS unohlelo lokukhokhela izibonelelo zabafundi baku ma-TVET, kanti okhokhelwa ngqo kuma account amabhange abo njengoba kwamenyezelwa ngomhlaka 26 April 2024.
UNomvalo uqhube wathi, zibalelwa ku 211, 591 izitshudeni ezinama bank account aqinisekisiwe, kube nezinye ezibalelwa ku 7,160 abahlulekile ukuqinisekisa imininingwane yazo ngenxa yokuthi ezinye zilethe ama bank account angaphansi kwamagama abanye abantu.
“Siyanxusa ukuthi zonke izitshudeni zilethe amabank account azo, yonke imininingwane kube eyazo izitshudeni ukuze uNSFAS akwazi ukwenza isiqiniseko sokuthi iyona efanele ukuze kukhokhwe masinyane. “Ngithanda ukunxusa izitshudeni ezithole umyalezo wokuthi awaphumelelanga ama-bank account azo, ukuthi ziphuthume zilethe amanye abhaliswe ngaphansi kwamagama azo, hhayi awabanye abantu.” Kuchaza uNomvalo.
Mayelana nezingqinamba ezimayelana nezitshudeni zasemanyuvesi ; UNomvalo uthe izitshudeni zakuma TVET kuphela eziyokhokhelwa ngqo, kodwa ezasemanyuvesi zizoqhubeka zithole inkokhelo yazo ezikhungweni ezikuzo.SAnews.gov.za

