Mapensela uzimisele ukukhuphula ngoshuni omnandi endimeni kaMaskandi

SHEILA MHLONGO

Ngifisa ukukhuphuka kakhulu kukho konke okuhle ebengikwenza emculweni wami akukho engifisa ukukushintsha okwamanje konke kusami ngomumo. Izinhlelo zikaMapensela ukukhipha isingle track ezinyangeni ezimbili ezizayo ezobe ibambise isikhathi ngoba ngizobe ngibusy necwecwe elisha.

Okwamanje ngisebenzisana noProducer we GMD uSizwe “Mudemude” Gumede kanye noStokfela futhi bengingakacabangi ukuthola omunye ngoba sibambisene kahle kakhulu nabo. Engikufundile kuleminyaka ngisendimeni yomculo ukuthi noma ngabe ukuphi uculaphi ibalulekile inhlonipho ngoba awazi ukuthi impumelelo yakho Ilele kobani. Kuningi kakhulu kodwa engingakubala umcimbi obaminyaka yonke kwelakithi kwaDumisa South Coast kwelamabhenanyawo obizwa ngeKhula Mapensela nawo  ngifisa bawulindele kakhulu abathandi bomculo.

Izingoma zami zonke ziyatholakala online futhi zonke engisazozikhipha ziyophinde nazo zitholakale kahle khona kuma digital stores. Ofisa ukuxhumana nami engangithola ezinkundleni zokuxhumana  facebook: Mapensela wasemzinto Artist inombolo yocingo: 0787373728

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *