Niyamenywa bathandi bomculo ningaphuthelwa ukuzozibonela amaciko ase-South Coast esina ededelana

Niyamenywa kwi-PIC NIC UNDER THE STARS 1st Annual  Hluthankungu Crossing over to 2026 UNksz. Sharon Mthembu odabuka khona eSouth Coast odume kakhulu ngokutshikisa esiteji uma bedlala neqembu elaziwa nge-Gagamela ucela ukumema bonke abantu abathanda ukubuka into yamehlo esiteji ukuthi baze bengaphuthelwa ngoba uzobe edlala bukhoma e-Hluthankungu Sport Field mhlaka-31 Disemba kusuka ngo-2pm  kuze kuyophela ekuseni mhlaka-01 Januwari 2026.

Ekhuluma neNtatheli yeKZN uSharon uthe,” Ngicela abantu bazi ukuthi kuyinto ejabulisayo ukuthi nathi singaciko asakhulayo sibone kuhlangene amaCiko endaweni yangakithi lokho kusinika ithemba ukuthi  ubuCiko bethu ngeke buphele njengoba lento isegazini sakhula ngayo sikhulekela impilo kuphela futhi ngicela abantu basinike isaphothi bezohlukanisa nathi unyaka ka-2025 sijabule ndawonye.”esho

Kuzobe kunandisa abaculi abaningi esibala kubo: Gagamela, Dr Buselaphi, Mbuzeni, Abagqobhi, Mashwabade, Chwane lebhaca, Jizo bovu, Mzumbe Brothers, Sbhamu sokhuni, osbali  basemzini, abahlabekisi, joe mzels, nabasebenzi,  dj happy gal, Ithwasa Lekhansela, isigqi saekhaya, inyoni emhlophe, dj mata, impunyela, izamambo nabanye abaningi. Abaphathi bohlelo (Mc) : Umadlokovu woGubhulwani, sane n no intombi yengoma.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *