Ikomiti lePhalamende livakashele izikole zaseKZN

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Ikomiti lePortfolio Committee on Basic Education livakashele iKwaZulu-Natali ukuzohlola ukuthi zikulungele yini izikole esiFundazweni ukuthi zisebenze kulonyaka ka-2023. Lokhu kuvakasha kuyingxenye yomsebenzi wePhalamende ngokomthethosisekelo wokwengamela umsebenzi wesigungu esiphezulu kanye nokulandela imali eyabiwe yiPhalamende ukuze kutholakale umthelela ewenzayo ezimpilweni zabantu baseNingizimu Afrika.

USihlalo weKomiti, uBongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe ukuvakasha bekuhambelana nokuzobheka inqwaba yezinkinga ukuze kuqinisekiswe ukuthi isikole siwulungele yini unyaka wokufunda.

“Uhlelo lokuqalisa unyaka wokufunda lincike ekulungiseleleni okwanele, ukuba khona kwezinsiza zokweseka ukufunda nokufundisa, ukwanela kanye nokuba khona kwezithuthi zabafundi, ukusebenza kahle kwezinhlaka zokuphatha, njengezigungu ezilawula izikole, ukwesekwa okwanele yisiFunda kanye nesekethe emahhovisi,” kusho uMbinqo-Gigaba.

Lokhu kuvakasha bekumbandakanye ukuxhumana noMnyango wezeMfundo wesiFundazwe, okuhlanganisa izikhulu zesiFunda, izinhlangano zezigungu ezilawula izikole kanye nabasebenzi.

Ikomiti liphinde lavakashela izikole  lapho amalunga ebanemihlangano namathimba aphethe izikole kanye nabathintekayo ukuze kuxoxiswane ngezingqinamba zezikole ezibhekene nazo ngenhloso yokuziseka ukuthola izixazululo.

Leli komiti lihambele iziFunda ezintathu zemfundo esiFundazweni okubalwa iZululand, Harry Gwala neKing uCetshwayo. Lolu hlelo lokuvakasha lulandela isimemezelo semiphumela kaMatric 2022 lapho iKwaZulu-Natal iphumelele ngo-83%.

UMbinqo-Gigaba uthe ikomiti lizosebenzisa ukuvakasha ukuze lihlole imiphumela futhi lithole nezindawo ezingase zithuthukiswe ukuze kuqinisekiswe ukuqhubeka kwezinhlelo.

Ikomiti liqale ngokuhambela izikole zaseZululand Education District, okubalwa iPhumanyova Technical High School, Manzezulu ECD Centre, KwaMame Full Service School kanye neZamimpilo Special School.