U-Eskom awunazo izinhlelo zokudiliza abasebenzi

SAMUKELISIWE MBONAMBI

U-Eskom uqinisekise umphakathi ukuthi azikho izinhlelo zokudiliza abasebenzi futhi azikho izinqumo zokudilizwa kwabasebenzi ezithathiwe. Lokhu kuza ngemuva kokuthi inyunyane iSolidarity isole udaba lokuthi u-Eskom uhlose ukudiliza abasebenzi abangu-500, okungabasebenzi abamhlophe njengengxenye yohlelo lwakamuva lwe-Employment Equity Plan luka-2023 – 2025.

Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba inkampani kagesi iziphikisile lezi zinsolo.

“Ukudilizwa kwabasebenzi eNingizimu Afrika kulawulwa yiSigaba 189 (3) somthetho wezobudlelwano emsebenzini ka-1995, onezidingo eziqinile zokubonisana okufanele nabo bonke abathintekayo okuhlanganisa nezinyunyana ezaziwayo.

“Lezi zingxoxo kumele ziveze ngokucacile izizathu nemibandela okungavunyelwa ukudilizwa ngaphansi kwayo. Ukucwasa ngokwebala noma ubulili akuvumelekile njengenkomba yokudilizwa,” kusho u-Eskom.

U-Eskom uthe lo mbhalo okukhulunywe ngawo esihlokweni uyingxenye yezingxoxo zangaphakathi mayelana nokulingana kwezemisebenzi nezinyunyana.

“Ngokwenqubo yokubonisana, zonke izinhlangothi zinikezwa ithuba lokuxoxisana, ukucacisa, nokuphakamisa ezinye izindlela ngaphambi kokuba kuthathwe izinqumo zokugcina, kuyishwa ukuthi iSolidarity ichele izinkulumo ezibanga ukuthi abasebenzi bethuke nokuyinto ebingadingeki”

“I-ajenda yezinguquko ka-Eskom kanye nezinqubo zokuqasha zilawulwa imithetho yezwe yabasebenzi esikhundleni sobuhlanga. Sizibophezele ekuzuzeni ukwehlukahlukana, ukulingana kanye nokufakwa kwabantu ngendlela efanelekile” kusho u-Eskom.