THOBILE MBATHA
UMholi we-EFF uMnu. Julius Malema uhlongoza ukuthi kuvalwe izwelonke mhlaziwu-20 Mashi kuwolonyaka.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithe, ngokusho koMholi weqembu i-EFF ngosuku lokuvalwa kwezwe kuyobe kungahambi lutho amaloli, izikole namabhizinisi awezokuvunyelwa ukusebenza njengoba i-Economic Freedom Fighters (EFF) ihlela ukuba nombhikisho ezweni lonke lapho ifuna kuqedwe ukucishwa kukagesi kanye nokwesula kukaMengameli Cyril Ramaphosa.
Lesi simemezelo esivele edeskini likaKhomanda we-EFF uJulius Malema sihlangabezane nemibono ehlukene ku-inthanethi abanye bencoma lo myalezo kanti abanye bathi kuwukumosha isikhathi.
Awekho amaloli, amanyuvesi, izimboni namabhizinisi azovunyelwa ukusebenza njengoba i-EFF isabisa ngokumisa izwe.
"Ngeke kube nomsebenzi kuzovalwa yonke into ngalolusuku, kuzovalwa zonke izikhumulo zokungena, alikho ibhizinisi elizovulwa ngalolu suku futhi amaloli athutha amaminerali aseNingizimu Afrika axwayiswe kakhulu ukuthi apake angaqhubeki nohambo ngoba kuyobe kunganyakazi lutho.” kusho uMalema
Lokhu kusungulelwe ukuthi kumenywe abantu ukuthi kuqedwe ukucishwa kukagesi, ukunyuka kwezinga lokuntuleka kwemisebenzi, ukwanda kwezinga lobugebengu, isinqumo sikahulumeni sokuvala iziteshi zikagesi kanye nokuwa kwengqalasizinda yomphakathi ezibhedlela, kanye neziteshi zesitimela. kusho inhloko ye-EFF.
Leli yikhwela amanye amaqembu ezepolitiki ahlangene ngazwi linye ethi akuqedwe ukunqanyulwa kukagesi kanye nokungalethwa kwezidingo kubantu.
Ukuvalwa kwezwe kwe-EFF, okuhlongozwe ukuthi kuzoba ngoMashi 20.

