UPhilile  Doyisa Umhayi Wezinkondlo ezimnandi ubonga uMasipala weTheku

MINENHLE MHLONGO

UPhilile Doyisa imbongi yobuciko ozinze endaweni yaseMlazi kaY ePhilani.Ufisa ukudlulisa ukubonga okukhulu kumaspala weTheku ngokubanikeza ithuba lokuveza ubunyonicho nobuchule babo njengabayahi bezinkondlo abasafufusa.

 “UMaspala usinikeze ithuba eliyingqayizivele siyintsha  lokuveza amakhono ethu kulendima yezobuciko, abaningi bayangazi ku facebook kanti neciko elikhulu  esijwayele ukulibona kumabonakude u Nomzamo Mbatha uye owangigqugquzela  njengoba wayeke enze ama workshop e ICC youth summit eyagcina ngonyaka ka 2018 eThekwini ngezimo zokuthi uNomzamo uhlezi ematasa” .

“Kuningi kakhulu engikuzuzile nengikufundile kuye  njengokuthi nanoma uphuma kuphi kodwa uyakwazi ukufika ezindaweni eziphezulu.Okunye ngiyathanda ukubonga kakhulu ngethuba ngoba sithenjiswe  nokuthi  noma ungasawinanga kulomcintiswano kodwa uzovuleleka amathuba amaningi ka maspala weTheku, hlezi umuntu azibone eseyisibonelo esihle emphakathini njengeciko akhule adlondlobale afeze izifiso zakhe”. Kuphetha uPhilile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *