INingizimu Afrika izothumela izithunywa e-Afrika nasemazweni omhlaba ukubhekana nezinselelo zokufuduka kwabantu

Esithombeni- kwesokudla uMengameli wase Kenya nowaseNingizimu Afrika

SHEILA MHLONGO

UMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi iNingizimu Afrika izothumela izithunywa emazweni ahlukahlukene ezwekazini lase-Afrika nakwezinye izingxenye zomhlaba njengoba uhulumeni eqinisa imizamo yezokuxhumana namazwe ukuze kubhekwane nezinselelo zokufuduka kwabantu ezibhekene nezwe.

Lesi simemezelo senziwe ngesikhathi sokwethulwa kwabezindaba e-Union Buildings ngoLwesine,lomhlaka 5 Juni 2026,  kulandela izingxoxo ezisemthethweni phakathi kukaMengameli Ramaphosa noMengameli waseKenya, uWilliam Ruto, ngesikhathi sohambo lombuso lukaMengameli waseKenya eNingizimu Afrika.

Ephendula imibuzo ephathelene nokufuduka kwabantu nokuzinza kwesifunda, uMengameli Ramaphosa uthe uhulumeni uhlola izindlela eziningi zezokuxhumana namazwe ngenhloso yokuthola ukubambisana okukhulu emazweni ase-Afrika nakwamanye amazwe.

“Sicubungula izinhlelo eziningi ezingeni lezobudlelwano bamazwe. Sikhuluma namazwe amaningana angabalingani bethu ezwekazini ngenhloso yokuthola ukuqondana nokubambisana okwengeziwe,” kusho uMongameli.

Ekhombisa isinyathelo esilandelayo sikahulumeni, uMengameli Ramaphosa uqinisekise ukuthi iNingizimu Afrika izothumela izithunywa ukuze zixoxisane namazwe ngezindaba ezihlobene nokufuduka kwabantu.

“Kuzoba khona izithunywa. Kuzoba khona abantu esizobathumela, hhayi kuphela ezwekazini lase-Afrika kodwa nasezingxenyeni ezahlukene zomhlaba.”

UMengameli uthe inhloso enkulu ukuqinisa ukubambisana kwamazwe ngamazwe mayelana nokufuduka kwabantu nokwenza amazwe asebenzisane ekubhekaneni nezimbangela eziyisisekelo zokunyakaza kwabantu besuka kwamanye amazwe beya kwamanye.

“Esifuna ukukwenza ukuthi udaba lokufuduka kwabantu lubhekwe kabanzi nangendlela efanele, futhi sihlanganise amazwe amaningi, abaholi kanye nababambe iqhaza ababalulekile ukuze sisebenzisane ekuxazululeni le nkinga.”

La mazwi afika ngesikhathi kunengxoxo enkulu emphakathini mayelana nokufuduka kwabantu ngokungemthetho kanye nezikhalo ezikhulayo zokuthi uhulumeni abhekane nezinselelo ezihambisana nabantu abangahlali ngokusemthethweni ezweni.

UMengameli Ramaphosa ugcizelele ukuthi ukufuduka kwabantu akuyona inselelo ebhekene neNingizimu Afrika kuphela, kodwa kudinga impendulo ehlelekile futhi ehlanganisiwe yamazwe omhlaba.

“[Amazwe ase-Afrika] kufanele akhe izindlela eziqinile zokusebenzisana nokusizana ekuxazululeni izinkinga zamazwe awo kanye nezinkinga ezithinta izwekazi lonke,” kusho yena.

UMengameli uthe udaba lokufuduka kwabantu luphinde lwaba yingxenye ebalulekile yezingxoxo zakhe noMongameli Ruto, okukhombisa ukubaluleka kokubambisana kwamazwe ase-Afrika ekutholeni izixazululo ezisimeme.

“Sijabule ngokukwazi ukuxoxa ngokujulile nabaholi abahlukene, kubalwa noMongameli Ruto, lapho sabelane khona ngemibono nemicabango yokuthi le nselelo ingaxazululwa kanjani ngendlela engcono.”

UMengameli Ramaphosa uthe iNingizimu Afrika ihlose ukufunda kokuhlangenwe nakho kwamanye amazwe aseke abhekana nezinselelo ezifanayo zokufuduka kwabantu.

“INingizimu Afrika akuyona kuphela izwe elibhekene nenkinga yokufuduka kwabantu, futhi sifuna ukufunda ukuthi amanye amazwe abhekane kanjani nale nselelo kanye nezinkinga eziyinkimbinkimbi ezihambisana nayo.”

UMengameli uvumile ukuthi iNingizimu Afrika isalokhu iyindawo ekhangayo kubantu abaningi abafuna amathuba omnotho nempilo engcono.

“INingizimu Afrika isiphenduke indawo eheha abantu abafuna ukuza lapha ngezizathu eziningi ezahlukene.”

Uveze ukuthi ukubhekana ngempumelelo nenkinga yokufuduka kwabantu kuzodinga ukubambisana phakathi kwamazwe abantu abasuka kuwo, amazwe abadlula kuwo kanye nalawo abayiwa kuwo, kanye nokuqonda kangcono izimbangela zomnotho nezenhlalo eziholela ekufudukeni kwabantu ezwenikazi lase-Afrika.

Le mizamo yezobudlelwano bamazwe iyingxenye yezingxoxo ezibanzi phakathi kweNingizimu Afrika neKenya mayelana nokufuduka kwabantu nokuzinza kwesifunda.

Ngaphambilini ngesikhathi sohambo lombuso, oMengameli Ramaphosa noRuto bavumelane ngokuthi udaba lokufuduka kwabantu kufanele kubhekwane nalo ngokwandisa ukubambisana phakathi kwamazwe ase-Afrika, ukukhulisa ukuthuthukiswa komnotho kanye nokudala amathuba amaningi kubantu ezwenikazi.

Laba baholi ababili bagcizelele ukuthi ukunciphisa ingcindezi yokufuduka kwabantu kuzodinga amazwe ase-Afrika asebenzisane ukulwa nokungasebenzi, ukungalingani kanye nokungathuthuki, ngesikhathi esifanayo eqinisa ukuhlanganiswa kwezifunda nokubambisana phakathi kwamazwe. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *