USekela Mongameli uncoma ukwethulwa komjovo wokuvimbela i-HIV eNingizimu Afrika njengengqophamlando enkulu

USekela Mengameli uMnu Paul Mashatile

SHEILA MHLONGO

Njengoba uhulumeni esewethule ngokusemthethweni umjovo wokwelapha nokuvimbela i-HIV ngoLwesihlanu lomhlaka 5 Juni 2026, iPhini likaMongameli uPaul Mashatile lithi lesi yisinyathelo esibaluleke kakhulu kwezokwesayensi ekuvimbeleni i-HIV eminyakeni yakamuva.

“ILenacapavir isinika ithuba elinamandla lokuqinisa imizamo yokuvimbela i-HIV, ikakhulukazi phakathi kwemiphakathi esaqhubeka nokubhekana namazinga aphezulu okutheleleka okusha,” kusho uMashatile ngoLwesine 4 Juni, eGoli ngesikhathi ehlanganyela neSouth African National AIDS Council (SANAC), iPrivate Sector Forum kanye nabaholi bamabhizinisi amakhulu.

Umjovo weLenacapavir ungasetshenziswa njengePre-Exposure Prophylaxis (PrEP) ukunciphisa ubungozi bokutheleleka nge-HIV kubantu abangenaso lesi sifo, kanti futhi ungasetshenziswa ukwelapha abantu abadala abanegciwane le-HIV lapho eminye imithi yokwelapha i-HIV ingasasebenzi kahle kubo.

“Sekungamashumi eminyaka abacwaningi, abasebenzi bezempilo, ohulumeni kanye nemiphakathi besebenza ngokuzikhandla ukuthuthukisa amathuluzi asebenza kangcono okuvimbela ukusabalala kwe-HIV.

“Ukwethulwa kwalo mjovo kukhombisa ukubaluleka kwesayensi, ukusungula izinto ezintsha kanye nokubambisana ekubhekaneni nezinselelo eziyinkimbinkimbi zezempilo yomphakathi emhlabeni.

“Kodwa-ke, kufanele sikhumbule ukuthi impumelelo yesayensi iyodwa ayiguquli izimpilo zabantu. Impumelelo yayo incike ekutholakaleni kwayo, ekubizeni kwayo, ekwethembekeni komphakathi nasekusetshenzisweni kwayo ngendlela efanele,” kusho iPhini likaMongameli.

Uthe ukwethulwa kweLenacapavir kuzodinga ukubambisana okuqinile kuzo zonke izingxenye zomphakathi.

“Kuzodingeka imikhankaso yokuqwashisa umphakathi, ukuhlanganisa imiphakathi, ukuqeqeshwa kwabasebenzi bezempilo, izinhlelo zokuhlinzekwa kwemithi ezisebenza kahle kanye nezindlela zokuxhasa ngezimali ezisimeme.

“Okubaluleke kakhulu ukuthi siqinisekise ukuthi akukho mphakathi osengozini oshiywa ngaphandle. Ngakho-ke umkhakha ozimele unendima ebalulekile okufanele uyidlale ngokweseka lo mzamo ngemfundo yasemsebenzini, ukwesekwa kwezokuthutha, ukutshalwa kwezimali kanye nemikhankaso yokuqwashisa umphakathi,” kusho uMashatile.

Isicelo sokuthi umkhakha ozimele utshale imali entsheni

UMashatile unxuse umkhakha ozimele ukuba utshale imali ekusaseni lentsha njengoba amantombazane aseminyakeni yobusha kanye nabesifazane abasebasha beqhubeka nokuthwala umthwalo omkhulu wezifo ezintsha ze-HIV eNingizimu Afrika.

“Lokhu kuseyenye yezinselelo eziphuthumayo kakhulu empendulweni yethu kazwelonke. Kumele futhi sinake kakhulu izidingo zentsha.

“Intsha ayidingi izinsizakalo zezempilo kuphela. Idinga imfundo, amathuba omnotho, ukuthuthukiswa kwamakhono, ukuphepha kanye nethemba ngekusasa. Idinga ukufinyelela olwazini oluqondile, izinsizakalo zokuvimbela izifo kanye nezindawo ezisekelayo eziyisiza ukuba yenze izinqumo ezinolwazi,” kusho uMashatile.

Uthe umkhakha ozimele ungenza umehluko omkhulu ngokuhlinzeka ngemifundaze, amathuba okuqeqeshwa emsebenzini, izinhlelo zokuthuthukisa amakhono, izinhlelo ezixhumene nezindawo zokusebenza kanye nokubambisana nezikole, amanyuvesi nezinhlangano zomphakathi.

“Ukutshala imali entsheni akuyona nje into efanele ukuyenza; kungokunye kokutshalwa kwezimali okuhlakaniphe kakhulu esingakwenza ngekusasa lezwe lethu.

“Ngaphezu kwalokho, ubudlelwano obuseduze phakathi kwezempilo yomphakathi nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nokubulawa kwabo ngenxa yobulili akumele bunganakwa. Udlame olubhekiswe kwabesifazane namantombazane aluyona nje inkinga yobulungiswa emphakathini kuphela. Luyinkinga yezempilo yomphakathi,” kusho iPhini likaMongameli.

Wengeze ngokuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane ngenxa yobulili lukhulisa ubungozi bokutheleleka nge-HIV, lube nomthelela ongemuhle empilweni yengqondo, luzinze imindeni futhi ludale ukungaphephi kwezomnotho.

“Ukubhekana nale nselelo kudinga izinyathelo ezivela kuzo zonke izingxenye zomphakathi. Abaholi bamabhizinisi bangafaka isandla ngokuqinisa izinqubomgomo zasemsebenzini, ukweseka izinhlelo zokudluliselwa kwabasindile ezinsizakalweni ezifanele, ukukhuthaza ukulingana ngokobulili kanye nokwakha izindawo zokusebenza ezingenakho ukuhlukunyezwa nokubandlululwa.

“Ngokubambisana, kufanele sithumele umlayezo ocacile wokuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane ngenxa yobulili alunandawo emakhaya ethu, emiphakathini yethu noma ezindaweni zethu zokusebenza,” kusho uMashatile.

Impendulo ngesifo sofuba (TB)

Nakuba i-HIV iseyinselelo enkulu kwezempilo yomphakathi, uMashatile uthe iNingizimu Afrika akumele ilahlekelwe ukugxila ekulweni nesifo sofuba (TB).

“Isifo sofuba siyaqhubeka nokubulala izinkulungwane zabantu minyaka yonke futhi sisengenye yezimbangela ezihamba phambili zokufa kwabantu abaphila ne-HIV.

“Nakuba iNingizimu Afrika yenze intuthuko ekhuthazayo ekwehliseni izinga lokutheleleka nge-TB nasekuthuthukiseni imiphumela yokwelashwa, asikwazi ukuzithoba noma ukunganaki,” kusho yena.

IPhini likaMongameli ligcizelele ukubaluleka kokuqhubeka nokuqinisa izinhlelo zokuhlola abantu, ukuthuthukisa ukufinyelela ezinsizeni zokuxilonga, ukweseka ukunamathela ekwelashweni, kanye nokuthola labo bantu abasengakatholakali noma abangakatholi ukwelashwa.

“Kulokhu, siyakhuthazwa yizinhlelo zokwethula izinsizakalo zokuxilonga i-TB eziseduze nemiphakathi, okuzoletha ukuhlolwa eduze kwabantu futhi kunciphise ukubambezeleka ekuxilongweni nasekuqalweni kokwelashwa.

“Sinxusa umkhakha ozimele ukuba weseke le mizamo ngokuhlanganisa ukuhlolwa kwe-TB ezinhlelweni zezempilo zasemsebenzini kanye nokweseka izinhlelo zomphakathi ezikhulisa ukuqwashisa nokufinyelela ekunakekelweni kwezempilo. Ukutholwa kusenesikhathi kusindisa izimpilo!” kusho uMashatile.

– SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *