

SHEILA MHLONGO
Sezibaliwe izinsuku ngaphambi kombukiso odumile waminyaka yonke we-Durban Fashion Fair (DFF) sekwethulwe ngokusemthethweni njengoba uMasipala weTheku eqale umkhankaso wokuthungatha ama-Modeli e-DFF 2026 ezindaweni ezahlukene zaseThekwini.
Njengoba kugujwa iminyaka engu-15 yobungcweti kwezemfashini ngaphansi kohlelo lwe-DFF, uMasipala uphinde wavulela amathuba intsha efisa ukuba ngamamodeli ukuthi ingene emkhakheni wezokumodela futhi iqale umsebenzi wayo kwenye yezinkundla ezihamba phambili zemfashini e-Afrika.
Intsha enokuzethemba, ukubukeka okuhle, nobuhlakani ikhuthazwa ukuba ihambele izinhlelo zokuhlolwa ezizoba kusukela mhla ziyi-16 kuNhlaba kuya mhla ziyisi-6 kuNhlangulana ezindaweni ezahlukene ezibalulekile eDolobheni.
Lolu hlelo oluguqula izimpilo luqhubeka nokukhiqiza izindaba zempumelelo njengoba abanye ababambe iqhaza phambilini sebephesheya emikhankasweni emikhulu yezikhangiso, behamba ezinkundleni zemfashini zomhlaba, futhi bakhe imisebenzi eqhubekayo embonini yezemfashini.
Omunye wabahlomuli bohlelo lwe-DFF Model Search lwango-2025, uCynthia Gumede, uthe lolu hlelo lube negalelo elikhulu ekukhuliseni umsebenzi wakhe. Usebenze nezinkampani ezaziwayo ezifana neTropika, wasebenzisana nabaklami bemfashini abadumile, wavela emibukisweni yemfashini kazwelonke, futhi manje usebheka amathuba ezimakethe zomhlaba.
UGumede uthe lolu hlelo lube yithuba elikhulu empilweni yakhe njengoba lukhulise ukuzethemba kwakhe futhi lwamnika ulwazi olubalulekile kanye namathuba okufunda embonini.
USihlalo weKomidi leDolobha lezoThuthukiso loMnotho nokuHlelwa, uKhansela Thembo Ntuli, uthe lolu hlelo luyisikhuthazi sokuthuthukiswa kwentsha nokufakwa kwayo emnothweni.
“Ngalolu hambo, siletha amathuba ngqo emphakathini futhi siqinisekisa ukuthi amathalente angakatholakali anikwa inkundla yokugqama. Sikhuthaza wonke umuntu ofisa ukuba yimodeli ukuba ahambele lezi zinhlelo futhi asebenzise leli thuba,” kusho uKhansela Ntuli.
UKhansela Ntuli uphinde wathi abaningi ababambe iqhaza phambilini bancoma i-DFF ngokuguqula izimpilo zabo ngokubavezela amathuba embonini, ukuqeqeshwa ngobungcweti, kanye nokungena ezimakethe zomhlaba.
Abaphumelele bazobe sebengeniswa ohlelweni oluqinile lokuqeqeshwa lwezinyanga ezimbili oluzobafundisa yonke into ephathelene nokuziphatha kwemodeli, amakhono okuhamba enkundleni, ubungcweti, kanye nokulungela ukusebenza embonini.
Ukuze uhlanganyele ekuhlolweni, abafake izicelo kumele babe phakathi kweminyaka eyi-18 kuya kwengama-35 ubudala, futhi ubude obuncane kube ngu-1.75m kwabesifazane no-1.84m kwabesilisa.
Abahambelayo kumele bafike bengazigqokile izimonyo, bagweme ukugqoka amajini, futhi beze nomazisi osebenzayo noma ikhophi eqinisekisiwe yawo.
Abafisa ukuba ngamamodeli bayakhuthazwa ukuba bahambele lezi zinhlelo zokusesha ukuze bathathe isinyathelo sokuqala emsebenzini wezefashini kanje:
- 16 kuNhlaba – KwaMashu G Hall
- 23 kuNhlaba – Durban Botanic Gardens
- 30 kuNhlaba – Umlazi Mega City, Food Court
- 6 kuNhlangulana – Pavilion Shopping Centre, Fountain Court
Zonke izinhlelo zizoqala ngo-09h00 kuya ku-15h00.
Ngeminye imininingwane, shayela ku-031 311 4500 noma uthumele i-imeyili ku-nondumiso.mthembu@durban.gov.za futhi ulandele i-@Durban Fashion Fair kuzo zonke izinkundla zokuxhumana.

